U-Agasti ugujwa njengenyanga yabantu besifazane futhi ziningi izindlela abathuthukiswa ngayo.
Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert sithe enye yezindlela zokubathuthukisa wukwenza isiqiniseko sokuthi kunendima abayidlalayo ekuphepheni emgwaqweni. Uthe bonke abashayeli kumele kube khona amakhono abanawo.
“Akekho umuntu ongazi ukuthi uzobhekana nini nengqinamba emgwaqeni. Ongakwenza wukuthi uzilungiselele ukuze uzokwazi okumele ukwenze uma kukhona okukwehlelayo. Ukuzihlomisa ngolwazi ezigamekweni ezahlukene kungakwenza umshayeli osezingeni eNingizimu Afrika,” kusho uHebert.
Uthe nakhu okumele abesifazanee bazihlomise ngakho:
- Ukuba nolwazi lokunakekela izimoto. Uthe lokhu kuhlanganisa ukukwazi ukukala umoya osemasondweni nokuwafutha ngendlela efanele. Okunye wulwazi lokubheka uwoyela, coolant namanzi ama-wiper. Uthe kumele bakwazi ukufunda amalambu esexwayiso ukuthi asho ukuthini ukuze bagweme ukwehlelwa yinto abangayilindele.
“Yiba nolwazi lokushintsha nokulungisa amathayi akho. Uma imoto yakho ingenawo ama-run-flat, kubalulekile ukukwazi ukuwalungisa ngendlela yokubambisa uma kunesimo esiphuthumayo noma ukukwazi ukulishintsha. Yize ungaba ne-roadside assistance kodwa kungashesha futhi kuphephe,” kusho uHerbert.
- Kumele ukwazi ukusheshe ubone isimo esiyingozi nokukwazi ukulalela unembeza wakho uma kukhona okungahambi kahle. “Kwazi ukuba nemikhuba efana nokubheka ukuthi ukhona yini okulandelayo. Ukugwema ukuthi udunwe imoto akuqinisekisiwe kodwa ukuba nolwazi ngokumele ukwenze uma udunwa kubalulekile. Lolu lwazi lukunika amandla okuhlale umehlomane hhayi ube novalo. Kuwubungozi ukuqagela ukuthi ukugwema izimoto ezithile noma izindawo ezithile kuzokwenza ungadunwa imoto.”
- Zihlomise ngolwazi lokuba wumshayeli ongcono. “Ukuba wumshayeli ongcono kungaphezu kokuphasa izivivinyo zokufundela ukushayela. Thatha elinye igxathu ngokwengeza amanye amakhono ukuze ungabi nemikhuba emibi evela ngemuva kweminyaka waqala ukushayela. Ukuhlala njalo uziqeqesha yinto okumele ihlale yenziwa. Funda izinto okumele uzenze uma wehlelwa yingozi. Uma usengozini ukushisa kwegazi nokwethuka kungenza ungakwazi ukucabanga kahle. Uma wazi ngaphambi kokuthi kube khona okukwehlelayo kuzokusiza ukuthi ucabange kahle. Yiba nezinamba zabantu abazokusiza ngokushesha futhi olunye ulwazi kumele ulufake kwi-sun visor uma kwenzeka ungakwazi ukukhuluma.”