IMOTO: KIA SONET
Isigaba seSport Utility Vehicle (SUV) siziqengqelezela sodwa phambili ngokudayiswa kwezimoto ezintsha zabagibeli ama-passanger car eNingizimu Afrika selokhu kuqale unyaka.
Ngokwamaphesenti singaphezulu kancane kuka-50 bese kulandela esama-hatchback anezicabha ezincane ngo-36%
AmaSUV anyusa kakhulu lesi sigaba yilawo amancane nokuyingakho izinkampani ziqinisa kakhulu kuwo.
Phambilini kwakukhona iFord EcoSport engasadayisi kuleli. Kulandele nabanye ngezimoto ongabala kuzo iNissan Magnite, Suzuki Fronx, Hyundai Venue, Renault Kiger, Hyundai Venue, Mahindra XUV300, Chery Tiggo 4 Pro nezinye.
NeKia Sonet ingena kulowo mbango futhi yiyona SUV encane yakwaKia kwazise ngaphezu kwayo kuneSeltos, Sportage neSorento.
ISonet ifike eNingizimu Afrika ngoMeyi 2021 ilandwa e-India lapho yakhiwa khona.
Muva nje balethe ethuthukisiwe ehlukene ngezinhlobo eziyisithupha. Isheshe iziveze ukuthi yintsha ngengaphambili layo elishintshile kumalambu nakubhampa. InamaLED daytime running lights, amarimu angu-16 inch nama-roof rails. Ngemuva nakhona bashintshe indlela ebukeka ngayo.
Engikuthandayo ukuthi abayonanga ngendlela abayishintshe ngayo ngoba abenzanga okuningi kodwa isibukeka iyintsha futhi ifana nezinye zakwabo, ikakhulukazi kwi-grille.
Ngaphakathi ishaya nge-wheelbase engu-2 500mm. Iyalingana neyeFronx neToyota Starlet Cross kodwa imfishane kuneyeMagnite engu-2 520mm, Tiggo 4 Pro engu-2 500mm neT-Cross ende engu-2 551mm.
Isikhala sabagibeli sikhona ngaphakathi kodwa uma umude kakhulu ngemuva ngeke ukhululeke kahle ngendlela ongafisa ngayo. Ibhuthi ingu-385 litres.
Njengoba ingaphezu kweSonet LX okuyiyo eyisingeniso emndenini yona inezinto ezithe xaxa. Ngibala i-touchscreen infotainment system engu-8 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay iphinde iveze ingemuva uma uhlehla, amabhathini esiteringini, izibuko ezihlelwa ngogesi, izindawo zokushaja nge-USB ngemuva nangaphambili, indawo yokuphumuza ingalo phakathi nendawo, cruise control, nokunye.
Emgwaqweni ihamba ngenjini engu-1.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu- 88kW ne-torque engu-172Nm. U-gearbox uyi-7 speed dual-clutch transmission. Ukuphakama kwayo ngo-190mm kwenza umgwaqo uwubone kahle futhi ikunike nomuzwa wokuthi yiSUV ohamba ngayo.
Amagiya, ikakhulukazi uma uhamba kancane bengizwa sengathi abuye angashintshi kahle anokudideka okuncane nokubambezeleka kokunye. Ngale kwalokho ihamba kahle emgwaqweni futhi kuphethroli ibidla amalitha angu-7.7 ngo-100km. Uma ithangi lligcwele ungahamba cishe amakhilomitha asondele ku-450km.
Kwezokuphepha benze ukuthi ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo, inama-airbag amabili ngaphambili, Electric Stability Control, indawo yokufaka isihlalo sengane nokunye.
ISonet inentengo ethe xaxa uma uyiqhathanisa nezinye izimbangi kodwa bayifake okuningi futhi nendlela eyakhiwe ngayo izwakala njengemoto eqinile engakulonda isikhathi.
Intengo:
Kia Sonet 1.0 T-GDi EX DCT: R 436,995
Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa neRoadside Assistance kanjalo ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km.