UDUMO lwakwiTik Tok selumvulele amathuba owaziwa ngelikaSimangaliso "Mr Cash only" Mathenjwa ohlala eqhulula amahlaya ezinkundleni zokuxhumana. UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usufake isikhangiso somcimbi wakusasa eMadressini wokusabalalisa ulwazi ngezinhlelo zempilo, okuzophinde kugujwe kuwo usuku lwabesifazane. Umcimbi wezempilo owaziwa ngokuthi; Isibhedlela Kubantu uvamise ukuhambela izindawo ezahlukene nosaziwayo, ikakhulu abesilisa njengoba kusuke kunohlelo lokubakhuthaza ngokuzinakekele ngezempilo nokuzihlola izifo.
Abantu bachazekile ngalezi zindaba, babodwa abafisa sengathi uhlelo luza ngasemakubo. AbaseMondlo bathembise ukuthi nakanjani bazoya kozibonela usomahlaya.
"Uzobe ebadonsa ngesithuthuthu amahora awu-90 cash,"kusho uMkhwanazi.
"Kwamina ngivele ngathi dlengelele, ngingaqedi nokusifunda lesi sikhangiso. Siyabonga ngqongqoshe,"kusho uKwanele Dlamini.
"Songena ngodli la,"kusho uNkosentsha Buthelezi.
"Weee senifuna ukubulala iziguli ngensini,"kusho uPalesa Nkosi.