Ngenhlonipho, ngingakangeni esihlokweni sanamhlanje ngicela ukuthi jwaphu ngesiguli esingubaba engisibone izolo lokhu. Lo baba wayengakholwa ukuthi ukuqaqamba kwezinyawo kwelapheka ngokushesha, wayesethi hhayi asimelaphe unyawo olulodwa.
Nebala senza njalo selapha unyawo lwesokudla kuphela. Simbone esezibuyela yena, esezocela ukwenziwa nakulolu olunye; esesitshela ukuthi usekwazi ukushaya ingoma asine ngalolu olwelwashwayo. Ngivele ngakhumbula nje ukuthi konje abantu besizwe sakithi baze bakholwe ngokubona phela!
Namhlanje ngithe ngenyanga yethu osokhaya, izinto eziyizinhloko, ongqongqoshe bamakhaya ake sikhuze umhlume lo ovele wenze induku ithambe ibe imfaba. Ngiyayibongela indoda engakabazi ubuhlungu benduku evele ivuke kancane ibe into ethambile ebhocobele, uthi uyizama wedwa lutho, aze nomlingani wakho ebona usizi azokusiza azokushokisa le nto evele yathamba yangabambeka nasezandleni, nizame nobabili ukuyikhombisa umthombo wensindiso, lutho ngane yakwethu ivele iphelele ezandleni. Yeyi ibuhlungu leyonto! Abantu besilisa engibelaphayo baze bathi kuba ngconywana uma kungumuntu osumjwayele, kubuhlungu kuyezwela uma niqalana, uswela umgodi ozovuleka ungene.
Umuntu wesilisa ongakabazi lobu buhlungu, makazi ukuthi kuyokwenzeka kuye ngelinye ilanga uma engasukumi elaphe umhlume okanye ahlale ezivikele kulo sofasilahlane wesifo esingundabamlonyeni.
Induku evuka izithambele inezimbangela cishe eziyisithupha, umhlume ungenye yazo. Induku engaqini evele ilokhu imoyizela ithambile ingadalwa: yigazi elingenele elifinyelela kuyo induku ngenxa yokuvimbeleka emithanjeni, inhliziyo ephundulekile engakwazi ukukhipha igazi elanele, ukushoda kwekhemikhali ethile egazini, izifo ezithinta kakhulu igazi nemithambo njengesifo sikashukela nesifo somfutho ophezulu wokuhambisa igazi emzimbeni, imidlavuza yegazi noma eyezakhi zegazi bese kuba yiwo umhlume.
Okugqamayo ukuthi umhlume yiwona ohamba phambili ekuhlukumezeni abesilisa; isimo siyaphindephindeka uma kukhona esinye salezi zifo esesizibale ngenhla.
Umhlume kwabesilisa ungena ngomuzwa, lona osuka ngasekupheleni kweqolo uguduze ngaphakathi esinqeni uze uyohlukana kabili ingxenyana iye embhobheni wendle, enye iye ebulilini besilisa. Isifo umhlume senziwa ukuhuzuka noma ukulimala kwalo muzwa omkhulukazi. Lokhu kulimala kungadalwa ukuqunjelwa okungapheli okuzokuphoqa wena oqunjelwe ukuthi ukhanule kakhulu uma uzikhulula. Lokhu kuyacacisa ukuthi akumele sibekezelele ukuqunjelwa, okwenza usuze njalo.
Siyabona lapha ukuthi isizathu sokuthi amadoda athande ukuchatha yini? Ukuchatha akulona ichilo, kuyindlela enhle yokukhulula isisu ukuze ungadonsi ukhanule uma uyolahla indle kuze kulimale umuzwa lona ozokudalela umhlume. Okunye okungabangela ukulimala kwalo muzwa izifo ezithinta umzimba wonke, ukulimala emgogodleni nasesinqeni, amakhemikhali awushevu emzimbeni angafika aphihlize aphithanise ukwakheka kwalo muzwa, ukuphuza utshwala, ukubhema ugwayi, ingcindezi engamandla yomqondo, umdlavuza wombhobho wendle nomdlavuza wezicubu zawo umbhobho. Ngiqinisekile ukuthi omunye useyabona ukuthi izimpawu zomhlume kule ndawo: ukuqunjelwa, ukusuza okweqile, iqolo elibuhlungu, ukukhathala komzimba, induku engaqini, induku engavuki nhlobo, induku eshesha ikhafule, induku enciphayo ibe mfishane iphinde ibe ncane ngomzimba, nenduku evuka kodwa ikushiye endleleni enye ize iwele phakathi kumuntu wesifazane.
Ngiyethemba ukuthi angiphambuki uma ngithi induku engavuki, esheshe ikhafule, evuka kodwa ivele izicishele endleleni nenduku evele ithambe ize idinge ukushokwa; lesi isimo esibalwa kwezinkulu ezenza owesilisa aphatheke kabi ngendlela eyisimanga. Isifo umhlume singena siguduze silimaze into umuntu wesilisa azizwa ngayo ukuthi uyindoda, uphelele.
Umhlume uyakwazi ukudlula lapha bese uya ezindaweni eziningi emzimbeni ufike unombele kuzona. Kuyilapha esiyaye siwunikeze amagama anhlobonhlobo ngokwezindawo ezihlaselwe, kodwa konke kube kungaphansi kwesambulela esiwumhlume.
Umhlume uyelapheka nezimpande zawo, esikucelayo ukuthi indoda mayisukume iye kudokotela wayo; asiyeke ukuba ngoFelaphakathi.
Amanye amadoda ayathanda ukuthi sesinazo izingane, umlingani wami‘makakwemukele’ ukuthi ngikulesi simo! Yeyi ayikho leyo nto, indoda nendoda mayiphakamise isandla iphumele emnyango iye kozelapha.
Mpilonde!