UKUNQATSHELWA kweziguli ezingenawo amaphepha achaza ukuthi zingobani bakuphi ezikhungweni zezempilo zakuleli kuholela ekutheni izifo zisabalale.
Lokhu kushiwo uDkt Tasanya Chinsamy weMédecins Sans Frontières (MSF), ebuye ibizwe ngokuthi iDoctors Without Borders ngesikhathi kunesithangami sokucobelelana ngolwazi ebesibheka ukuthi ngabe abesifazane abazithwele nezingane ezineminyaka engaphansi kweyisithupha, abahlala kuleli bayasizakala yini ezikhungweni zezempilo zakuleli mahhala njengoba kulawula uMthethosisekelo.
UNkk Sibusisiwe Ndlela weSection 27 uthe imibiko abayitholile ukuthi abesifazane nezingane bangaphandle abangenawo amaphepha kuyenzeka banqatshelwe usizo ezikhungweni zikahulumeni, noma kuthiwe abakhokhe ngoba abanawo amaphepha. UDkt Chinsamy uthe: “UMthethosisekelo wakuleli uthi bonke abesifazane abahlala ezweni, abangenayo imishwalense yezempilo banelungelo lokuthola usizo lwezempilo mahhala, uma bekhulelwe nezingane abazizalayo ezineminyaka eyisithupha noma ngaphansi kumele zithole usizo lwezempilo mahhala ezikhungweni zezempilo. Akukhathalekile ukuthi banawo amaphepha noma cha. Lokhu akwenzeki kwezinye izikhungo ikakhulukazi ezibhedlela. Laba besifazane bayaya emitholampilo, badluliselwe ezibhedlela bafike babhekane nenkinga yokuthi kuthiwe abakhokhe," kusho yena.
Uthe ukunqatshelwa kwabo kungabukeka sengathi kungukonga izinsiza ezibekelwe abantu bakuleli kodwa ngakolunye uhlangothi kungukusabalalisa izifo.
"Ake ucabange ukuthi uma kunqatshelwa isiguli usizo lwezempilo kanti sinesifo esithathelanayo esifana neHIV nesifo sofuba singasisabalalisa kubantu abaningi bakuleli," kusho yena.
Uthe ezinye iziguli zize zisizakale ngokuthi zingene ezibhedlela sezifika ngamaambulensi.
"Lezi ziguli ziyasizakala kodwa kwesinye isikhathi azinikezwa ubufakazi bokuthi zibelethile, bese zingakwazi ukwenzela izingane zazo izitifiketi zokuzalwa. Uma ingane ezelwe idinga ukuya esikhungweni sezempilo noma esikoleni iba nenkinga ngoba akukho bufakazi bokuthi yazalelwa kuphi."
UNkk Lisel Muller weCentre for Child Law, uthe uMthethosisekelo wakuleli ugunyaza bonke omama abazithwele nezingane ukuthi bathole usizo lwezempilo abaludingayo mahhala ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.
"Abantu abaningi uma benqabela abangaphandle usizo basuke bekwenziswa ukuthi abanamaphepha. Inkinga ekhona ukuthi noma ngabe bakwenza ngoba becabanga kanjalo kodwa kunabantu abaningi bakuleli abangenawo amaphepha achaza ukuthi ngabakuphi ngoba abazali babo abanabo omazisi. Kuleli obaba basanda kunikezwa igunya lokuthi nabo bangakwazi ukushayela izingane zabo izitifiketi zokuzalwa kodwa uma beya emahhovisi oMnyango wezaseKhaya abavunyelwa. Inkinga eyenzekayo eyokuthi uma umama wengane engenawo umazisi akakwazi ukushayela ingane isitifiketi sokuzalwa. Izingane ezizalwe zalahlwa kwesinye isikhathi kunzima ukuthola ubuzwe bazo, ababhalise izitifiketi sekudlule isikhathi kuphela isikhathi eside zingenawo amaphepha azichazayo. Ngaleso sikhathi zisalindile azisizakali ezikhungweni zezempilo," kusho uNkk Muller.
Uthe lezi zingane kuba nzima nokuthi zingene ezikoleni yize umthetho uzivumela.