Simangaliso Ntshangase
UKUKHULA kuza nezinguquko eziningi emzimbeni womuntu, okudinga ukuthi uzinakekele kakhulu kunokujwayelekile. Ongoti bezempilo bathi ukwenzenjalo kusiza kakhulu ukuthi uphephe ezifweni eziyingozi okubalwa kuzona isifo senhliziyo, esikashukela nesamathambo.
Isikhungo sezempilo esizimele, i-Affinity Health, sesiveze ukuthi ukunaka impilo yakho ngokuhlale uhlolela lezi zifo ezehlukene ngisho kungonakele lutho nje, kungasiza ukuthi ugweme ukuhlale ugula ngobala futhi kwenze ukuthi uphile isikhathi eside.
Nakhu okunye okungakusiza ngokuhlale uhlolela izifo ezahlukene:
- Ukusheshe uthole ngezifo onazo nolengela kuzo: Ungasizakala ngokuthi usheshe ubone ukuthi yisifo sini esikuphethe nesikucathamelayo okujwayele ukuthi kube wumfutho ophezulu wegazi, i-cholesterol nomdlavuza, ukwazi ukusheshe uzilaphe noma uzigweme.
- Ukusiza ukubhekana nezifo eziyimbelesela: Uma usuvele unezinkinga ezehlukene zezempilo, ukuhlale uzihlola kungakusiza ngokuthi ubone futhi uthole ukuthi imishanguzo oyisebenzisayo isebenza ngendlela efanele yini. Ukusiza ukuthi uma kungenjalo ucebiseke ngokumele ukwenze noma ukushintshe ukuze izinto zilunge.
- Ukwazi ukuphila impilo ecolekile: Ukuhlolela izifo ezehlukene ngokuvamile kungasiza ukuthi ugweme ukuhlala esibhedlela isikhathi eside lapho sekutholakala sekuhambe isikhathi kakhulu ukuthi kunesifo esikuhaqile.
- Ungasizakala ngokwesekwa ezinkingeni zezengqondo: Ukuhlale uvakashela izikhungo zezempilo nokubonana nodokotela kungasiza ukubhekana nezinkinga ezeyamene nokusebenza komqondo wakho kubalwa ukhwantalala, ukuhlale ukhathele nokunye okweyamene nalokho.
- Kwenza kube nokuthula emndenini: Ukuhlale unempilo kwenza abomndeni bakhululeke ngoba bazi ukuthi abantu ababathandayo abanalutho olubakhathazayo empilweni yabo.
Yikuphi okunye ongakwenza ukuzigcina uphilile?
- Yidla ukudla okunempilo: Ukugxila ekudleni okunempilo kungakusiza ube nempilo namandla okwenza ukwazi ukugwema ukungenwa yizifo kalula.
- Akube khona ohlale ukwenza: Ukwenza izinto ezizokugcina ungahleli ndawonye njengokuthi uhambe nje ushaywe wumoya, uhlanze indlu noma uzidlalele nezingane kungakusiza uhlale unamandla nempilo.
- Lala ngokwanele: Ukuphumula ngokwanele kubalulekile futhi kuyawusiza umzimba wakho nomqondo ukuthi kuphumule futhi kukhululeke.
- Phuza amanzi: Izingilazi eziyisithupha zamanzi kuya phezulu zisiza ekutheni ube namandla futhi umzimba wakho usebenze ngendlela efanele.
- Gwema ukuhlala wedwa: Ukuhlala isikhathi esiningi nabantu obathandayo okungaba wumndeni wakho, abangani nomphakathi nje nixoxa ngezinto ezahlukene kuyasiza ukukhulula umqondo wakho.