UKUDLA okuthile kungaholela ekutheni imithi yokwelapha isifo somdlavuza ithikamezeke.
UDkt Omy Naidoo owungoti wezokudla, uthe kubalulekile ukuthi isiguli esinomdlavuza seseke umzimba waso ngokudla ukudla okunempilo namavithamini ukuze umzimba waso uthole imisoco oyidingayo.
"Iziguli ezinomdlavuza kuyenzeka zingakuthandi ukudla, ngakho kumele ukuthi ukudla ezikudlayo kube nesiqiniseko sokuthi kunemisoco edingekayo," kusho uDkt Naidoo.
Uthe ezikhungweni zezempilo ezelapha umdlavuza akekho ungoti oweluleka lezi ziguli ngokuthi yikuphi ukudla okumele zikudle.
"Uma unelungu lomndeni elinalesi sifo kumele wazi ukuthi yini okumele idliwe yisiguli. Kumele ukhulume nodokotela, kube nguyena okwelulekayo. Uma ufisa ukunikeza isiguli imithi yemvelo, kumele ukhulume nodokotela kuqala ngoba kungenzeka imithi oyinika isiguli ishayisane nemithi eselashwa ngayo," kusho yena.
Uqhube wathi kunokudla okumele iziguli ezinomdlavuza ezisohlelweni lokwelashwa okumele zikugweme noma zehlise kukho.
Kulokhu kudla ubale utshwala. Okunye wukudla okugaywe kwacoliseka kakhulu, okunoshukela kakhulu, okuhlanganisa amakhekhe noswidi neziphuzo ezinoshukela, wokunosawoti omningi, okunamafutha amaningi ezilwane nenyama enongiwe okufana nobhekeni, amasosishi nenyama yengulube.
Nakhu ukudla athe kunconywa ukuthi iziguli ezinomdlavuza zikudle:
Izithelo eziningi nemifino zonke izinsuku, yinyama enganonile okungaba yinyama yenkukhu (umkhwepha) noma inhlanzi.
Okusanhlamvu okungaba wubhontshisi, wuphizi ama-lentils ne-quinoa.
Okunokolweni kungaba yirayisi elinsundu nepasta.
Amakinati ngezinye zezinto okumele iziguli ezinalesi sifo zigxile kuwo.
Ukudla okunamafutha okunempilo athe kuzilungele iziguli ezinomdlavuza wukwatapheya, i-olive oil nenhlanzi yohlobo lwe-sardine.
"Iziguli ezinomdlavuza isikhathi esiningi ziba nenkinga yokucanuzela kwenhliziyo, ziphalaze kwesinye isikhathi zikhishwe yisisu, ngakho kubalulekile ukuthi uma kubonakala ukuthi ngeke sikwazi ukudla isiguli, usinike okunye ukudla okuzosinika umsoco olinganayo. Ezinye iziguli kudingeka ukuthi zinikezwe ukudla okunqamula ukucanuzela kwenhliziyo nokuphalaza," kusho uDkt Naidoo.
Uthe uma unenkinga yokuthi ilungu lomndeni kalikuthandi ukudla noma licanuzelelwa yinhliziyo, zama ukulinika ukudla ngezikhawu kunokuthi lidle kathathu njengoba kujwayelekile.
"Uma isiguli sihluleka nokuphuza uketshezi yenza ijusi ne-yoghurt yenze isiqeda ukuze siyincele. Uma sikwazi ukudla i-yoghurt faka amakinati kuyona," kuchaza uDkt Naidoo.
Uthe kubalulekile ukuthola iseluleko kudokotela sokuthi uma isiguli sehla isisindo.