NAKUBA esephelile amaholidi kaDisemba njengoba sekuqale uJanuwari, kodwa basekhona abantu abasaqhubeka nokujabula nabangani babo nemindeni yabo, okungenza abanye baqhubeke nokuphuza utshwala njengendlela yokuzijabulisa.
Abezempilo baxwayisa ngokuthi nakuba kungesiye wonke umuntu ophuza ngokweqile, kodwa ukuqala ngesiphuzo esisodwa esinamandla kungadala omkhulu omonakalo uma unenkinga yokungakwazi ukuzilawula ezinkambeni.
Ngokusho kwe-StatisticsSA, isikhathi samaholidi yilapho kwenyuka khona ngokweqile izigameko ezenziwa ngabantu abasuke bephuze beqisa ophuzweni olunamandla.
Yini eyenza ukuphuza ngalesi sikhathi kwehluke?
– Lesi sikhathi sehluke ngokuthi abantu basuke behleli bebaningi, bezama ukukhohlwa yizinkinga zonyaka wonke, okungaholela ekutheni umuntu aphuze ngokweqile nangokunganaki, okungenza agcine esezilimaza engaqondile.
Nakhu okumele ukuqaphele okungasho inkinga:
– Ukuphuza ngaphezu kobukusophile: Uma ubuhlele ukushaya isiphuzo esisodwa, kodwa uzwe sengathi ungaqhubeka mbijana, kumele ubone ukuthi kukhona inkinga onayo.
– Ukuqhafa ngoba uthi ugwema ukhwantalala: Abantu abaningi basebenzisa utshwala njengendlela yokukhululeka nokuzijabulisa, kodwa uma usuncika otshwaleni ukulwa nokhwantalala, kumele ubone ukuthi usunenkinga enkulu.
– Ukungakwenzi obuhlele ukukwenza ngenxa yotshwala: Ukuvama ukukhetha ukuhamba izindawo zobumnandi esikhundleni sokwenza umsebenzi wasekhaya nokunye obuhlele ukukwenza, kungasho ukuthi usulawulwa wutshwala.
– Okwenzeka uphuzile, kubuye kwenzeke ngisho ungasaphuzile kungasho inkinga: Uma usuhlale uqhaqhazela, ujuluka, unesicanucanu noma usucasulwa wubala nje ngisho ungaphuzile, kungasho ukuthi usunenkinga yokungakwazi ukuhlala ungacwilile ezimbizeni.
Kungani ukuphuza ngokweqile kumele kukukhathaze?
– Ukuphuza ngokweqile kungaba nomthelela omubi ovela ngokushesha nongavela ngokuhamba kwesikhathi. Utshwala buyingozi ngokuthi bungaholela ezinkingeni ezinjengokuthatha ngamawala endleleni owenza ngayo izinto, futhi kukubeka engozini yokungena engozini kalula.
Thola usizo uma unenkinga yokuphuza ngokweqile
– Uma ubona sengathi ukuphuza kwakho utshwala akusalawuleki, xhumana nezinhlaka ezifanele ezingakusiza njenge-South African National Council on Alcoholism and Drug Dependence ukuze ungene ezinhlelweni zayo zokwelashwa.
Abangani nabomndeni nabo bangakusiza kulokhu. Uma uhlala noma wazana nomuntu obona ukuthi unenkinga yotshwala, mkhuthaze athole usizo kusenesikhathi, kungaze konakale.
Yazi ukuthi kumele ulufune nini usizo
– Uma ubona izimpawu zokuphuza ngokweqile noma ezokungakwazi ukwenza lutho ngaphandle kotshwala, ungapholisi maseko, funa usizo ngokushesha.
Izimpawu ezingasho ukuthi kumele uthole usizo zibandakanya ukungakwazi ukulawula ukuphuza kwakho, ukuhaqwa yizimo ezikuhaqa uma uphuzile ngisho ungasaphuzile, nokuyeka izinto ezibalulekile okumele uzenze ngenxa yotshwala.
Nokho okuhle wukuthi ikhona imishanguzo yezempilo ongayisebenzisa futhi ungathola nosizo lokwelulekwa ukuze unqobe le nkinga.