Njengoba zivulwa ngoLwesithathu izikole, abafundi balangazelele ukubuyela esikoleni. Ongoti bezempilo bathi kubalulekile ukuthi abazali ngaphambi kokuthi bahambise izingane esikoleni babheke izinto ezithile zempilo.
Bathi lokhu kuqinisekisa ukuthi izingane zabo zifunda kahle, aziphazanyiswa wukugula obekungavikeleka ukube zihanjiswe emitholampilo noma kodokotela ngaphambi kokuya esikoleni.
UDkt Estelle Lawrence obhekele ezempilo nokuzinakekela, eMnyangweni wezeMpilo eWestern Cape, ukhuthaza abazali ngezinto ezisemqoka okumele bazibhekisise ezinganeni ngaphambi kokuthi bazibuyisele esikoleni.
Uthe into yokuqala umzali okumele ayibheke ngaphambi kokubuyisela ingane yakhe esikoleni, wukuthi iyigomile yini imigomo ehambisana neminyaka yayo. Uthe uma esekhohliwe angazikhumbuza ngokubheka ikhadi lengane, iRoad to Health.
"Imigomo ibaluleke kakhulu. Ivikela ingane ekutheni iphathwe yizifo ezivikelekayo, iphinde ivikele nezinye izingane okwenza ukuthi ukufunda kube lula. Ezinye izifo ezigonyelwayo kazigcini ngokugulisa ingane kodwa zingaholela nasekutheni ingane ikhubazeke,“ kuchaza uDkt Lawrence.
Phakathi kwezifo ezigonyelwayo, ubale isimungumungwane, umkhuhlale umpenge (whooping cough), Hepatitis B, Pollio nezinye.
Uthe okunye okubaluleke kakhulu uma ingane inesifo esithile esifana nesifuba somoya, umzali kumele aye esikoleni ayobheka ukuthi yini engenza ukuthi lesi sifo sivuke ingane isesikoleni.
"Kubalulekile ukuthi uxoxe nothisha uma ingane yakho inesifuba somoya, noma ezinye izifo, uphinde ukhulume nodokotela wayo ingane. Mhlawumbe ikhona imithi noma izaba angazenza ukuze kuvikelwe ukuthi ingane ivukwe yisifo sayo isesikoleni, okudalwa yizinto ezisetshenziswayo esikoleni noma imvelo," kusho yena.
UNkk Sibongile Xaba wenhlangano ebhekele izingane, iSiyakhana Child Organisation, uthe ngesikhathi ezinye izingane zijabulela ukuvulwa kwezikole ezinye zisuke zinokwesaba nengcindezi.
"Kubalukekile ukuthi umzali akhulume nengane ngokuthi ijabulile yini. Uzozwa lapho ukuthi iphendula ithini. Kwezinye kusuke kungukwesaba ngoba ingazi ukuthi ilindeleni ebangeni ezolifunda kodwa ezinye zisuke sezike zaxhashazwa ngezinye, zesaba ukuthi nakulo nyaka kuzoqhubeka lokho.
Isisindo sento eyenza ingane ingakhululeki noma ibe novalo asifani. Kuyenzeka kube yinto elula umzali angayikhuluma nengane, ayinike izeluleko kodwa okunye kusuke sekuyinto edinga abeluleki abakufundele ukukhuluma nezingane, ikakhulukazi lezi zingane ezisuke sezifunda amabanga aphezulu," kusho uNkk Xaba.
UNksz Hlengiwe Dweku, obhekele ukuzilolonga kwabafundi kwezinye izikole eThekwini, osebenza ngokuzimela, uthe enye into esuke ijahwe ngabafundi wukubuyela emgqigqweni wezemidlalo.
"Ngenyanga yokuqala kumele ubhekisise uma ulolonga abafundi ngoba abanye basuke bekhuluphele, abanye uma bezilolonga baba nobuhlungu obuthile. Kumele niqale ngezindlela ezingawugqilazi umzimba, ukuze abafundi bangene kahle egiyeni," kusho uNksz Dweku.
UDkt Lawrence uthe ngoNovemba kuya kuMashi kuvamile ukuthi izingane zibe nesifo sokukhishwa yisisu, abazali nabanakekela izingane kumele bakuqaphele lokho.
Okunye athe kubaluleke wukuthi uma ingane iyofunda kwesinye isifundazwe wukuthi umzali aqaphele ngoba kungezeka ihlaselwe yizifo ezingajwayele ukuyiphatha, ngenxa yokuthi indawo ayiyijwayele.