NJALO emizuzwini emibili abesifazane abangu-250 000, ikakhulu abasebancane, batheleleka ngeHIV e-Afrika.Inhlangano yezempilo iBroadreach Development, yethule ucwaningo olushaqisayo ngesimo sokutheleleka kwamantombazane ngaleli gciwane.
Ucwaningo lushicilelwe emqingweni wezindaba ezithinta leli gciwane emhlabeni jikelele, i-United Nations Programme on HIV/AIDS (UNAIDS). Kuhlaluka ukuthi amantombazane amancane ajwayele ukubandakanyeka ebungozini kuba yilawo aya ocansini esemancane, ukungawasebenzisi amakhondomu nokuya ocansini nabantu abaningi.
UDkt Veni Naidoo wocwaningo uthe ngokuvamile abantu abasha bazigaxa engozini bedudana ngoba befuna kubonakale ukuthi nabo bayakwazi ukwenza izinto ezenziwa ngabanye ontanga yabo.
Ucwaningo olwenziwe yile nhlangano ngo-2021 luveza ukuthi abantu abasha abatheleleka ngeHIV bangu80% wesibalo sabatheleleka ngegciwane njalo ngonyaka.
"Abantu besifazane kunamathuba amaningi okuthi bathole iHIV kontanga yabo besilisa ngenxa yokuthi bajwayele ukuthola ingcindezi ehambisana namasiko nenkolo eholela ekutheni bazithole sebeya ocansini nabantu besilisa bengahlelile," kusho uDkt Naidoo.
UDkt Naidoo uthe abesifazane basabhekana nengcindezi ephindaphindiwe uma beqhathaniswa nabesilisa uma kumele bazikhethele ukuthi baya nobani ocansini.
"Kweminye imiphakathi akwamukelekile ukuthi umuntu wesifazane azikhethele, ukhethelwa umndeni, yena akakwazi ukusiphikisa leso sinqumo esesithathiwe sokuthi uyaganiswa. Okunye okudala ingcindezi ukuthi abantu besifazane abakwazi ukuphumela obala batshele abazwana nabo ukuthi bafuna ukuthi kusetshenziswe ikhondomu. Kuvame ukuthi owesilisa abe mdala, owesifazane emncane futhi ondliwa nguye owesilisa. Manje kuba nzima ukuthi owesifazane asho ukuthi ufuna kwenzekeni. Zonke lezi zizathu ziholela ekutheni amantombazane abe sengozini ephindaphindiwe yokuthola leli gciwane kunontanga yabo besilisa nakwabadala.Uthe ucwaningo abebelwenza luveza ukuthi zikhona izinhlelo zikahulumeni ezihlelelwe ukuthi zisize abantu abasha kubo okubalwa namantombazane.
“Ezinye zalezi zinhlelo, uhlelo lwamaphilisi anikezwa abantu abangenalo igciwane ukuze abavikele bangalitholi igciwane iPre-exposure Prophylaxis, iPrEP, uhlelo lokuhlelwa komndeni, uhlelo lokwelulekwa kwabantu ngokuthola abantwana, ukwelashwa kwezifo zocansi, ukwelulekwa ngempilo jikelele ukuze abantu bathathe izinqumo benolwazi kodwa ngesikhathi seCovid-19 sinyukile isibalo samantombazane amancane akhulelwe," kusho yena.
Uthe okunye, amantombazane okumele akuqaphele wulwazi olubhalwa ezinkundleni zokuxhumana, ngoba abanye uthe bavamise ukuyeka imishanguzo yabo ngoba befunde izinto ezibhalwa ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe ngesikhathi benza ucwaningo bathole ukuthi abantu abasha abaningi abasazi isimo sabo seHIV, yize kunjalo abakholwa ukuthi basengcupheni yokuthola leli gciwane noma ukulidlulisela kwabanye ngakho abasiboni isidingo sokusebenzisa izindlela zokuzivikela.
“Ukuzihlola ukuthi awunalo yini leli gciwane kungenye yezindlela zokuzinakekela esizikhuthazayo ukuthi abantu abasha bazijwayele," kusho yena.
UDkt Andrew Kambugu wesikhungo esicubungula ngezifo ezithelelanayo e-Uganda, i-Ugandan Institute for Infectious Diseases, uthe ucwaningo abalwenzile luveza ukuthi abesifazane abasebencane base-Afrika baneHIV kodwa kabanalo ulwazi lokuthi banayo.
"Ukuze kuzanywe indlela engenza ukuthi abantu besilisa baye emitholampilo, sesiqale ukwenza imitholampilo yesikhashana ebekwa eduze kwalapho kuhlala khona abantu ngoba imitholampilo ekhona amadoda athi awaphathwa kahle kuyo," kusho uKambugu.