UBUDEDENGU bokuya ocansini olungaphephile lungakushiya unesifo socansi esingelapheki.
Lona ngumlayezo kaNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, othe esikhathini samanje akusewona umsebenzi wowesilisa ukuthi aphathe amakhondomu ukuze owesifazane azivikele kodwa bobabili abathandanayo kumele babe namakhondomu.
"Kulesi sifundazwe izibalo zabantu abangenwa yizifo zocansi ziyakhuphuka okusho ukuthi ivangeli lokuthi abantu abajabule bazibheke kumele silishumayele kakhulu kunakuqala," kusho ungqongqoshe.
Usho kanjena nje ngokwekhalenda lezempilo, isonto eledlule bekungelokuqwashisa nokufundisa ngezifo zocansi ezithathelanayo, iSTI/Condom Week.
Izifo zocansi ezivamile kuleli, iHIV/ Aids ehaqa abantu abaningi. I-HIV idala ingculaza, futhi iphazamisa amasosha omzimba ekutheni akwazi ukulwa nezifo.
Uthe ukunqotshwa kweHIV kuleli kulele ekutheni abantu bahlolwe lesi sifo basazi isimo sabo.
Inhlangano yengculazi emhlabeni, i-UNIAIDS izibekele umgomo wokuthi ngo-2030 babe ngu-95% abantu abahlolwe lesi sifo, u95% wabahlolile uqale imishanguzo yokuthithibalisa igciwane, u95% wasebedla imishanguzo igciwane emizimbeni yabo libe sesigabeni sokuthi alisakwazi ukuziphindaphinda, i95-95-95 strategy, eNingizimu Afika uMnyango wezeMpilo njengamanje uthe bangu-94% abasahlolwe leli gciwane, u78% wabo usuqale imishanguzo yokulithithibalisa, u89% wabadla imishanguzo igciwane emizimbeni yabo alisakwazi ukuziphindaphinda.
IHuman papillomavirus (HPV), isifo socansi esivamile , abantu abaningi abane-HPV abanazo izimpawu kodwa bayakwazi ukuthelela abanye ngaso. Izimpawu zaso zibonakala ngokuhamba kwesikhathi okuvame ukuthi kube izinsumpa esithweni sangasese noma esikhumbeni ezizungezile.
Alikho ikhambi lokwelapha leli gciwane, izinsumpa kuyenzeka ziziphelele zingelashwanga. Uma kwenzeka umuntu elashwa lesi sifo kususwa izinsumpa. Njengemanje sekunomgomo ovika izinhlobo ze-HPV kuzo okukhona nohlobo oluvamile oludala izinsumpa esithweni sangasese noludala umdlavuza womlomo wesibeletho kwabesifazane. Lo mgomo unikezwa amantombazane aneminyaka ewu-10 kuya ku-12.
iGenital herpes
Isifo esithathelana ngocansi esivame ukubonakala ngokuthi onaso ezwe kubuhlungu esithweni sangasese abe nezilonda kodwa siyelapheka.
IGonorrhoea
Isifo esithathelana ngokocansi, esidala ubuhlungu nokuphuma koketshezi esithweni sangasese, uma singelashwanga sidala izinkinga zenzalo.
iSyphilis
Isifo socansi osithola ngokuya ocansini nonaso, uqala ngokuba nesilonda esithweni sangasese esingebuhlungu, kwabaningi siyaziphelela bese kumila amaqhutshana nawo ayaziphelela kungabe kusabakhona phawu kuze kube isifo sesihambe kakhulu egazini sesihlasela imizwa yamehlo, inhliziyo nobuchopho.