INHLANGANO yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation igubha usuku iWorld Mental Health Day njalo ngonyaka ngomhla ka 10 Okthoba.
Inhloso enkulu yokugubha lolu suku, ukuqwashisa ngokusebenza kwengqondo nokuveza izingqinamnba ezikhona. Yize izinselelo zabaphila nezifo zengqondo zingasafani nakudala kodwa kunokucwaswa okudala mayelana nezifo zengqondo nokwelashwa.
Abantu basanqikaza ukuyofuna usizo noma ukukhuluma ngalesi sifo emindenini yabo nakulabo abasondelene nabo ngoba besaba ukucwaswa nokugxekwa.
Okubalulekile ukuthi kufanele sifune usizo lwezempilo uma kukhona lapho silimele khona ukuze sithole usizo. Lokhu kubalulekile ukuze sihlale siphilile emzimbeni nasengqondweni.
Iphini likamengameli weSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG), uMnuz Zamo Mbhele, lithe usizo lukhona.
“I-World Mental Health Day ibanikeza ithuba bonke abakule ndima yokwelashwa kwezifo zengqondo ibanika ithuba lokuxoxa ngemisebenzi yabo nokuthi iyini edinga ukwenziwa isiqinisekiso sokuthi wonke umuntu odinga usizo lokwelashwa uyaluthola.
Isiqubulo salo nyaka seWorld Federation For Mental Health sithi #BeKi8ndToYourMind, ngenxa yokuthi ukusebenza kwengqondo kuthathwa njengento ebalulekile emhlabeni.
Inhlangano iMental Health Foundation isisebenze ngokuzikhandla iminyaka engu-70 ukuqinisekisa ukuthi ingqondo nomzimba kunakekelwa ngokwezinga elifanayo.
Iqiniso ukuthi wonke umuntu unengcindezi emndenini, emsebenzini, nasemphakathini, kanti ukuze sigweme izifo zengqondo kumele sizinakekele.
IWorld Health Day inikeza ithuba lokuthi kukhulunwye esidlangaleni ngezifo zengqondo, kuqhanyukwe namacebo okuthi yini edinga ukwenziwa ukuzinakekela nokuthi kubaluleke kangakanani ukuyofuna usizo.