KULINDELEKE ukuthi iNingizimu Afrika iqale uhlelo lokujova amantombazane amancane ngomjovo owavikela ekutheni athole igciwane lengculazi ekuqaleni konyaka ozayo.
Lolu uhlelo okuzobe kungolokuhlola ukuthi lungasebenza yini kuleli, kunethemba lokuthi lungasiza ekutheni luvikele abantu abangu-52 000 ekutheni batheleleke ngaleli gciwane eminyakeni engu-20 ezayo. Njengamanje bangu-8 million abantu abaneHIV kuleli.
Lolu hlelo luyingxenye yokunikezwa kwabantu imishanguzo yokuzivikela, iPre-Exposure Prophylaxis (PrEP) enikezwa abantu abangenalo igciwane ukuze bavikeleke kwiHIV.
I-PrEP engamaphilisi iyasetshenziswa kuleli, yaqala ukutholakala ngo2016. Uhlelo olusha ngolokuzwa amanzi ngobhoko kanti luwumjovo, kulindeleke ukuthi luqale ngonyaka ozayo. Luxhaswe ngemali yi-Unitaid, eyingxenye yeGlobal Health Initiative.
I-Unitaid ithe ilindele ukuthi isikhungo esilawula ukusebenza kwemithi kuleli, iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAPHRA), siwugunyaze ngonyaka ozayo lo mjovo okujovwa ngawo njalo ngemuva kwezinyanga ezimbili. Amaphilisi ePrEP akhona njengamanje aphuzwa zonke izinsuku.
Uphiko lwezempilo eNyuvesi iWits, iReproductive Health neHIV Institute (Wits RHI) noMnyango wezeMpilo babambisene kulolu hlelo. Kuhlelwa ukuthi kulo bajove abesifazane abasebancane abangenalo igciwane.Ukusetshenziswa kwePrEP kwezinye izifundazwe kuphansi njengaKwaZulu-Natal. I-PrEP uma abayisebenzisayo beyilandela yonke imiyalelo yokusetshenziswa kwayo ibavikela engcupheni yokuhaqwa yiHIV.
Imiphumela yokuhlola ukusebenza kwalo mjovo eyenziwe kuleli iveza ukuthi uvikela ukutheleleka kwabantu ngeHIV ngo-80%. Yize kunjalo, iWorld Health Organisation (WHO) ikholwa wukuthi baningi abazowusebenzisa ngenxa yokuthi kujovwa kanye ngemuva kwezinyanga ezimbili kanti amaphilisi aphuzwa zonke izinsuku.
Lo mjovo waphasiswa isikhungo esigunyaza ukusababalaliswa kwemithi yokwelapha, e-United States of America (USA), i-United States Food and Drug Administration ngoDisemba 2021.
I-ViiV Healthcare ekhiqiza lo mjovo yafaka isicelo kwiSAHPRA ngoAgasti 2021.
Lo mjovo njengoba kwenziwa uhlelo lokuhlola ukuthi ungasebenzi yini kuleli, uzotholakala ezikhungweni zezempilo ezikhethiwe nezingomahamba nendlwana, nasemakhemisi.
Umqondisi wenhlangano eyenza ucwaningo ngezempilo, uDkt Francois Venter, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba eqinisekisa ukuthi isitolo iClicks izobe ibambisene noMnyango wezeMpilo kulolu hlelo. Wathi umjovo uzobe uhambisana neringi ekhipha umshanguzo ovikela iHIV efakwa esithweni sowesifazane sangasese, i-vaginal ring efakwa kanye ngenyanga bese ilokhu ikhipha umshanguzo ovikelayo inyanga yonke.
Ucwaningo lokuhlolwa kweringi olwenziwa phambilini, lwaveza ukuthi ivikela abesifazane ekutheni besuleleke ngaleli gciwane ngo-50%.
UMnyango wezeMpilo neWits RHI kulindeleke ukuthi baqale uhlelo oluhlola ukufakwa kwabesifazane iringi ukuthi lungasebenza yini kuleli kuyo le nyanga.
Okunye okuvelayo wukuthi e-USA, kubiza uR391 000 ukunikezwa kwesiguli esisodwa lo mjovo ngonyaka. Abacwaningi bathi kuleli kungadingeka ukuthi ubize uR1 800 ngonyaka ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukuwuthenga.