UZOKWETHULWA ngonyaka ozayo umqulu wamasu amasha okwelapha isifo sofuba nezifo zocansi ezithathelanayo kuleli.
UMnyango wezeMpilo kuleli usuqalile ukudweba kabusha amasu okubhekana nesifo sofuba (TB) nezifo zocansi ezithathelanayo, iNew TB and Sexually Transmitted Infections (STI) National Strategic Plan, abanethemba lokuthi azosiza ekutheni lezi zifo zibe sezigobekile ngo-2030.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Joe Phaahla, sekuvalwa ingqungquthela ebidingida izinto ezithinta isifo sofuba kuleli, ebibanjelwe eThekwini ngeledlule.
Uvumile ukuthi imikhankaso nezinhlelo zokulwa nalesi sifo zike zasilela emuva ngesikhathi kuhlasele iCovid-19 kuleli.
Ucwaningo luveza ukuthi ngo-2020 nje kuphela bangu-328 000 abantu abasha abahaqwe yisifo sofuba kuleli, u-60% wabo bekungabantu abangculazi. UPhaahla uthe la masu azosiza ekutheni izwe likwazi ukulwa nalesi sifo futhi.
“La masu njengamanje asesigabeni esibalulekile sokudwetshwa kwawo lapho kusahlanganiswa khona amaphepha akhona. Engqungqutheleni yalesi sifo ngonyaka ozayo sizowethula la masu esibheke ukuthi sisebenze ngawo kuze kube u-2030," kusho uPhaahla.
Uqhube wathi luningi ucwaningo olwenziwayo mayelana nemigomo yokuvimbela lesi sifo kanye nemishanguzo esetshenziswa isikhathi esifishane yokuselapha. Uthe okwamanje imiphumela iyethembisa kodwa njengoba kungakaphothulwa, kusasetshenziswa umgomo, iBCG, onikezwa izingane.
Uthe imiphumela yocwaningo olwenziwayo ibanikeza ithemba lokuthi singase sehle isikhathi sokudla imishanguzo yokwelapha lesi sifo kuhlanganisa nokwelashwa kweTB engezweli emakhanjini, iMulti-Drug Resistant TB.