UNHLANGOTHI yisifo esihlasela ubuchopho sibone sekuzwela ohlangothini olulawulwa yileyo ngxenye yobuchopho.
Ubuchopho bulawula ukusebenza komzimba ngokwehlukana kwako, asithi nje kunengxenye yobuchopho elawula ukunyakaza, kunenye ezothi hamba uye kochama isinye sesiyakuthuma.
Igazi lidlala indima enkulu ekuxhumaniseni lo msebenzi obucayi kangaka, yilesi sizathu kubalulekile ukufinyelela njalo kwegazi ebuchosheni futhi libe ngesikalo nangezithako ezifanele.
Igazi eliya ebuchosheni lisuke lithwele umoya onamandla nohlanzekile, lifike liwushiye lo moya bese licosha umoya omdala osungcolile libuyele nawo emuva uyohlanzwa emaphashini. Ngiyaphinda, ngale ndlela siyakwazi ukuhamba ngezinyaw ozethu, sigijime, sikhulume ngemilomo, sixhawule abantu ngezandla, umzimba usithume endlini encane siyozikhulula, kubenjeya. Ngifisa sibone ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi igazi leli eligijima ngemithambo, lifike liseyilo ebuchosheni. Ngisho noma ngabe yini ezokwehlisa umumatho nengathikameza amakhemikhali amumethwe yigazi, kusho ukuqala kwezinkinga.
Ake sithi imigwaqan aebuchosheni ehambisa leligazi isiyashintsha ayisabi uthela wayeka njengenjwayelo, lokhu kusho ukuthi leya ndawo okumele ihlale ithola umumatho ongakaya, ayisawutholi. Nakanjani kuzoqala ukuzwela emzimbeni; mhlawumbe uzozwa isiyezi, kuthi zibaba, kokunye yikhanjana, inkwantshu kuleyo ngxenye yomzimba elawulwa yileyo ngxenye yobuchopho.
Kwesinye isikhathi umgwaqwana awunciphi nje kodwa uvaleke thaqa kuthiwe akudluli lutho. Lokhu kuchaza ukuthi leyo ngxenye yobuchopho ebilinde lelo gazi ayizukuthola lutho.
Okunye okungenzeka, imithanjana ehambisa leli gazi ivele igqashuke ebuchosheni, siyayibona inkinga? Nalapho kuleyo ngxenye yobuchopho elindele lelo gazi ayizukuthola lutho.
Emizimbeni umphumela yini?
Usushaywe wuhlangothi, uhlangothi luyavendlenzeka, usuwe phansi akusahambeki, uyehluleka ukukhuluma, intamo ibheka eceleni, amathe ayajuza, uyazichamela nendle iyaziphumela. Isifo unhlangothi senzeka ngale ndlela!
Ngiyafisa ukukuveza ukuthi kwabaningi ziba khona izinto ezenzeka emzimbeni eziba ngamabika, njenganje: ikhanda ongalijwayele, isiyezi, kuthi zibaba, inkwantshu engxenyeni yohlangothi, ulwimi lushwabane, intamo ijijeke, unkwankwaze ulwimi lugoqane ushwashwade amazwi angaphimiseleki, abanye babenamalimi into ongayijwayele.
Abantu bakithi bakhetha ukunganaki bazibe nje, okanye baye kubantu abathile, kungaba umelaphi wendabuko, umthandazi, abanye bahambe bayofuna umhlola? Unhlangothi usuqalile la, angithi? Ukulima kuya phambili. Anginankinga nokuya kumelaphi wendabuko.
Engifisa kwenzeke wukuthi uma unqume ukuyokwelashwa ngaleyo ndlela yini ungahlali kuye akwelaphe uze usinde? Sifikelani kudokotela okanye emtholampilo sekudlule isikhathi unhlangothi ukushayile sewuze wendlaleka wajula?
Unhlangothi ufuna ukwelashwa usaqala, ngiyaphinda abantu bakithi mabeze nakithi lapha ekuqaleni singakajiyi isifo!
Okujwayele ukwenzeka ukuzak udokotela emuva kwesikhathi eside seziziningi izindawo esezilimele emzimbeni. Ekugcineni kusishiya nebala elithi siyehluleka ukwelapha unhlangothi. Uma uqoke ukuyoqala ndawondawo isiguli sivinjwa yini ukuhlala selashwe khona kuze kube sekugcineni?
Sifunelani ukuhlala njalo sidlaliseka injeje kuzekwakheke isithombe esibi esithi uma esengene lapha ngeke abuye! Sekwaze kwabanenkoleloze ethi uma ushaywe wunhlangothi awusindi uma ungaqalanga kuphikuphi ngaphambi kokuthi uye kudokotela. Amanga aluhlaza lawa, ayikho into enjalo.
Ngicela ukuphinda ngithi oshaywe wunhlangothi makasondele ngokushesha kudokotela. Isifo sohlangothi siyaphindana, ngokulandelayo siba sibi kakhulu kunesangaphambilini futhi uma ungelashwa ngokuphelele kuyakwazi ukulandelana ngokushesha.
Nakhu okunye okubaluleke kakhulu, lesi sifo senza kuncisheke umoya onamandla ebuchosheni, uma ogulayo ezojikeleza angasheshi ukuza kudokotela wenza ukuthi athi noma esesindile kodwa abenalokho nje ukungathi zasha emqondweni okanye agcine esenesifo sokuwa.
Uma ushaywe wunhlangothi fika kudokotela ngokushesha, uzothola ukwelashwa okuphephile, okuphelele nokungena njeje.
Mpilonde!