INCWADI: Ubuhlungu bokuthanda ungathandwa 2
UMBHALI: Bongi Malishe
ABASHICILELI:New voices publishing
CISHE baningi abajabhile emasontweni ambalwa edlule uma bengayitholi intokozo ababeyilindele ebantwini abathandana nabo. Sithi kubona, phephisani.
Encwadini ethi Ubuhlungu bokurthanda ungathandwa 2 umbhali uBongi Malishe, weluleka ngezinkomba zokuthi ubudlelwano buyabhinba kwezothando, lapho umuntu ethanda omunye kepha yena engathandwa.
Umbhali ukholwa wukuthi kusemqoka ukuzithanda wena kuqala kunolokhu ugwinya itshe, uhlalele ethembeni lokuthi kuyogcina kushintshile. Eqinisweni akukho okusha alobe ngakho esingakaze sikuzwe kepha okubalulekile yinhloso yencwadi okuwukuvusa abanye bazithathe. Phakathi kwezinto azibalulayo ezivamise ukuthikameza inqubekela phambili kwezothando ubeka ukuba yimpumputhe ekubeni umuntu ebona.ukuthi uthando alukho.
Uxwayisa abantu abavamise ukuhlala endlini eshayo kuze kushe amalangabi umuntu ethi uzobekezela. Uphikisana nesiyalo esithi umuntu wesifazane kumele abekezele futhi ugxeka abazali ikakhulu omama, abathi kumele ibhodwe ulibambe lishisa. Wenza umzekelo ngomama owayebekezela futhi eluleka amadodakazi akhe ukuthi enze njalo.
Ekhasini 55 ubeka kanje: "Ukubekezela kwenza lama ikhaya futhi nobaba wakho wagcina esesuke inkungu. Uma uhlulwa ukuhlala kwakhe uvula intuba yokuthi bachachaze aanye abantu besifazane," kuloba umbhali enza umzekelo.
Kungenzeka ukubekezela kwakho kuthele izithelo ezinhle kepha ngesinye isikhathi kuphela kabi sekuphuma isidumbu sowesifazane. Umlobi ubuye wahlanganisa izinkondlo lapho exwayisa ngezimo ezimbi othandweni futhi ukholwa wukuthi umuntu okuthandayo ngempela ngeke adlale ngemizwa yakho.
Ekhasini 153, ubhale inkondlo ethi Hamba Juba; "Impela akusona isikhathi, sokubalisa lesi kodwa isikhathi sokukhohlwa nguwe, ngiqale kabusha ngami"