MHLELI: Minyaka yonke, sidamane sethulelwa okubizwa ngezibalo zobugebengu, phecelezi amaCrime Statistics. Sinikwa izibalo ngabantu ababulawa nsuku-zaphuma eNingizimu Afrika.
Ngendlela esesishibhe ngayo, sesigcina sibulawa ngisho ngabasezweni lethu ngokungemthetho.
Ukwenyuka kwamacala okubulala kusuka enyangeni uJanuwari kuya kuMashi, bathi kwenyuke ngamaphesenti evile kwamathathu. Umbuzo uthi, sizokwaziswa ngezibalo zobugebengu kuzo kube nini? Siyobikelwa kuze kube nini singaboni mnyakazo eqenjini elisemandleni okuhola uhulumeni? Kuyasho ukuthi selihlulekile ukunqanda isihlava.
Okungenza ngithi uhulumeni unomthelela, kuyaziwa ukuthi kule mihla ukucinywa kukagezi ngenhloso yokuwonga kumandla kakhulu ebusuku.
Ezindaweni zasemakhaya ngaphansi kwabaholi bomdabu, ugesi uhamba ebusuku ngehora lesikhombisa uzobuye ngo-11ebusuku. Uphinde uhambe ngelesithathu khona ezintatha njalo uze ubuye ekuseni ngelesihlanu.
Sonke siyezwa ukuthi baningi abantu abahlaselwa basocongwe ngesikhathi ugesi uhambile. Yikho-nje sisho kugcwale umlomo ukuthi uhulumeni unomthelela ekubulaweni kwabantu. Siyaxakeka ukuthi kwenziwa yini ugesi bawunqamule kangaka ebusuku ngoba phela nabantu abawusebenzisayo besuke belele?
Sizwile-nje kuthiwa kuzophuculwa ukusebenza kwamaphoyisa ngokuqasha angu-10 000 ukongezela kwakhona. Ziphindile iziphathimandla zathembisa ngokwengeza isibalo sabaseshi. Lokhu ngikufanisa nomlolozelo ngoba kwandlela abaqasha ngayo kayihlelekile.
Iphoyisa kakumele liqashwe ngokuhambisa uhla lwezifundo ngalo (CV) bese kuhlungwa. Kumele kucutshungulwe kabanzi ngempilo yalo yangasese neyasemphakathi, kubuzwe kumalungu omphakathi ukuthi liziphethe kanjani. Zingakanani izigilamkhuba ezingena ngewindi emaphoyiseni ngenxa yokuqashwa sengathi kubuthwa inkunkuma?
Mangaki amaphoyisa axabana nezithandwa zawo maqede azidubule, bese athathe umbhobho wesibhamu awubhekise kuwo? UNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, akoke asethulele izibalo kumacala okubulala lapho khona kubandanyeka abakwasidlodlo. Akusizi ngalutho ukudamane sikhomba ekudeni ababulali kodwa ilumbo libe likhona nasekhaya eseliqede abantu.
Okunye ukuthi kukhushulelwa ezikhundleni eziphezulu imvamisa abangafanele, kungagcini lapho zikhona izingane zabantu ezisebenza ngeqiniso kepha ezincishwa amathuba ezikhundleni, zigcine zishiyile.
Kwabona abaphethe ababizwa ngoBranch Commander noma Unit Commander, bathatha amacala okubulala bewanike izingane ezisafunda ekuphenyeni amacala. Umnika kanjani icala lokubulala umuntu olungakaqini kuye ukhakhayi?
Luselude ukhalo, basazobulawa ngobuningi abantu. Yikho-ke ngithi uhulumeni unomthelela ekubulaweni kwabantu ezweni.
Sipho Robert Mpungose ESHOWE