UMLANDO oqoshiwe kwezenkolo uveza ukuthi kwakunezinkunzi zababholofithi ababehlonishwa kakhulu kangangokuthi namanje abakusho emandulo kungafiki nezikhathi zeTestamente eLisha kusashunyayelwa ngakho.
Lapha ngibala oSamuweli, o-Isaya, Jeremiya, oZefaniya, oHezekeli noHoseya. Ngeke ngibaqede - hleze nisole ukuthi senginingena ngesitayela, ngiyanishumayeza kanti cha, kusewumhehezo wezosibhincamakhasana.
Ngiyakuqaphela nokho ukuthi laba babholofidi, ngokusho kwencwadi abaqoshwe kuyo, babengamadoda ayemandla ekufikelweni imilayezo eqhamuka “ngaphezulu”. Ngamanye amazwi, amaphupho. Okungavezwa, nami angikaze ngibabuze abangifundisa ikilasi, ukuthi ukuphupha kwabo kwakwenzeka belele noma kwakuba yifilimu ebehlela bebona ngo“si” njengoMose evuthelwa yisihlahla entabeni? Kodwa okungangabazeki ukuthi laba babehlonishwa kakhulu ngoba imilayezo emqoka yayivame ukutholakala kubo, kanjalo nezixazululo uma utwayi lokona selunamathe abantu baze bajikelwa umhlaba.
Bakhona-ke nabamanye ababholofidi kodwa ngicela, ngenkulu inhlonipho, ukubaziba.
Ngivumeleni nokho ngixoxe ngelami iphupho, noma ngingezibale njengogalagala lwezibonakaliso zencwadi yobukholwa. Vele lokhu okwami ukuhhuma cishe okuthungwa yimicabango eyisimbelambela ngengikubona phambi kwami. Sekunezinyangana kunefilimu elokhu idlala kobami ubuchopho. Le filimu iyiphupho cishe elidinga leya ncwadi yakudala okuthiwa "Inyanga Yamaphupho". Leli phupho liyi-soapie webuya ngoba lizigcawugcawu ngemifanekiso.
Njengabo oSamuweli ababekhonjiswa ozohola isizwe ngaphambi kokuthunywa ukuba bayomemezela, ingqikithi yokuhhuma kwami isokhethweni oluzayo ngoMeyi 29, nonyaka. Isiqephu sokuqala sendlale isiqhoqho samadoda alobizela ukuqhoqhobala izwe kodwa kakukho nayinye eyembethe isiphuku sobuholi. Ahambaze la madoda, bhancu webuya. Uma ngiwathi klemu la manjeza, kuqaqele amakhilane lapha emancamuseni nasonqenqemeni lwezinqe ngaseqolo, okhalweni azithe nkamfu ngesixebeledu sebhandekazi elisasibhamba elinomlobo oxwayisa ngobungozi bala madoda. Uma ethi ayakhuluma la madoda abhokelwe ukukhwehlela okwenza kungezwakali ukuthi athini.
Kwesinye seziqephu laba baholi bamaqembu bavela bethibelana, beqhwisha kuhle kukagwayimane ezicijela ukududulana nobhatomu. Gwiqiqi, isigcawu esibuye siqhamuke sinezincelebana zala madoda, ziyaxoxa esithe ukuthi zizokwabelana kanjani embusweni ngemuva kokhetho.
Kwesinye isigcawu kuqhamuka iqhwamasi lexhegu liqhwalela ngobhoko, linomndlandla. Ngemuva kwalo, kulandela abevathe sabefundisi babukeka benolatasi bezihambela nje. Phakathi kwabo kunomangothobana abaziphunga ngamashoba. Kuleso siphithiphithi kunamaqoqwaba agaxe izitweletwele nezigubhu, ahuba imvunge evamile ezindlebeni kodwa izinhlamvu azizwakali.
Kule soapie kubuye kuvele imindeni yehlukana phakathi ngemuva komhla ka-29. Kuso lesi sigcawu abagcina bexabene bengasabhekani baze bamangalelana baphenduka amathe nolimi. Kunabatoyiza ungotoyiza bedlubhe ezibomvu, abanye bafunga ngokhokho babo, bathi babengeke bavume. Ngakolunye uhlangothi, kukhona abantantatheka ngejubane elikhulu, behayiza bethi babanjwe inkunzi okhethweni, bafuna kuphindwe kukhethwe.
Esigcawini sakamuva kugqama iqulu labafake izikibha ezinombala oncombo kodwa eseziya ngokugqwala. Bude buduze kunabakhwixe imikhono bevathe ngemibala efuze ubhulomu wokuwasha izinto ezimhlophe. Kukhona nabanye abagqize imibala eluhlaza satshani nokumhlophe bese ikhwifa ngamachashaza amnyama. Bayawiliza bonke laba abakula maqoqo, akusezwakali ukuthi bathini ngoba kukhona nabahlabelelayo phakathi kwabo. Abanye bakhuza izaga kube nabemvunge esakungundaza.
Le filimu ibuya njalo futhi isigcawu nesigcawu singishiya ngididekile ngokuthi uthini umlayezo. Nginesiqiniseko sokuthi nezinjula zangezikhathi zoJeremiya no-Isaya zaziyothwala kanzima ukuthola ingqikithi yaleli phupho. Lo mbhantshi esiwuvutshelwayo nozophakwa ngoMeyi 29, akwazi muntu ukuthi uzoba hlobo luni lwezihemfu. Sona leso sicukwane siyodliwa ubani ngoba mhlawumbe ubumuncu baso buyobe sebugqabula izigqila zendoda?
Kukubavoti ukwahlukanisa inhloko nesixhathi ngoMeyi 29 kodwa sengathi nabavoti babhekene nesehlulampisi. Isiyovele idikadikwe ingahlahlelwanga ngoba nezimpisi vele ziningi ziconsa amathe zihahela ukuqhwakela e-Union Buildings.