KUNXUSWA umphakathi waseMatsulu naseNdumbeni, eMpumalanga, ukuba uqaphe isimo kwazise kunebhubesi eleqe esiqiwini.
UMnuz Simphiwe Shungube, okhulumela abeMpumalanga Tourism and Parks Agency, uthi bamatasa bathungatha ibhubesi okukholakala ukuthi leqe eKruger National Park, eMpumalanga.
Kuthiwa leli bhubesi selihlasele inkomo endaweni yaseMatsulu nokukholakala ukuthi lokhu kwenzeke ngoba lilambile futhi lizibona lisendaweni engaphephile.
UShungube unxusa umphakathi ukuba uphephe, uxhumane nabo noma namaphoyisa uma libonakala kodwa ungazami ukuzibambela lona ngoba lingaba yingozi uma lizibona lingaphephile.