NGEMUVA kweminyaka ewu-30 yentando yabantu, abeLuthuli Museum benza konke okusemandleni ukugcina umlando wengqalabutho engasekho inkosi Albert Luthuli uphila futhi uhlonishwa ngabadala nabancane. Nonyaka kuphela iminyaka ewu-52 kwashona leli qhawe lomzabalazo ngoJulayi 21, 1967.
Ngokwezinhlelo zale ndawo egcina amagugu, iLuthuli Walk and Fun Run ihlelwe ngomoya wangempela kaChief Albert Luthuli, wokuhlanganisa wonke umuntu ngenhloso yokujabula ndawonye nokuthi kufundwe ngomlando weqhawe nendawo yaseGroutville
“I-Luthuli Walk ibuye inikeze ithuba lokuzindla ngokuthi sihamba ibanga elingakanani njengabantu baseNingizimu Afrika, nokuthi kungakanani okusazokwenziwa ukwakha izwe elithandwa yibo bonke namuhla nezizukulwane ezizayo,” kuphawula uBrian Xaba, uMqondisi weLuthuli Museum.
UHLELO lweFun Walk
Uhambo luzosuka eLuthuli Museum, emgwaqweni uNokukhanya Luthuli ludlule endaweni yesikhumbuzo seNkosi Albert Luthuli eBandleni laseGroutville United, luye eGroutville Sports Ground.
Emzileni kunesikole samabanga aphansi i-Aldinville, lapho uChief Albert Luthuli aqala khona ukufunda. Eduze kwaso kukhona iKing Shaka Observation Rock, kuthiwa iNkosi uShaka yayizihlalela lapha ibuke iminyakazo yokuqeqeshwa kwebutho layo emathafeni angezansi.
UHLELO lweFun Run
Qala eMuseum, Jikela kwesokudla eMzoneli House. Qhubeka ujike kwesokudla KwaNdlanzi Tarven. Jikela kwesokudla emgwaqweni uMalande eduze kweBlue Shop. Jikela kwesokunxele eDladla’s Tarven uye emgwaqweni uCranbrook. Qonda phansi bese ujikela kwesokudla emgwaqweni uHangoes. Jikela kwesokunxele ngaseHangoes Hall uye emgwaqweni uCranbrook. Jikela kwesokunxele ukuze ujoyine uCranbrook ubuyele eDladla’s Tarven futhi udlule. Jikela kwesokudla ubheke emgwaqweni uNokukhanya. KuNokukhanya jikela kwesokunxele bese uqonda entanjeni eMakethe Grounds.