UMETHULI wezinhlelo zethelevishini futhi ongumlingisi uMasego "Maps" Maponyane, usithathe wasibeka ezinkundleni zokuxhumana ngokungcebeleka kwakhe edolobheni laseFrance, iParis.
UMaps, obepepenyeka ngebhanoyi i-Air France, ungena ajule ngobudlelwano bakhe naleli dolobha, isiko lalo nendlela uhambo lwakhe olumbuyisela ngayo ezimpandeni zakhe. "I-Paris neFrance jikelele, indawo ekhethekile kimi ngenxa yokuthi ngibe nenhlanhla engandele bani yokuvakashela khona amahlandla amaningi eminyakeni eyedlule," kusho uMaps.
Ukujwayela kwakhe kuleli dolobha kubonakale ngendlela anolwazi olujulile ngesiko lakhona.
"Kuhle kakhulu ukukwazi ukuvakashela endaweni enosiko olunothile. Kunokuthize okukhethekile ngokuza kwami lapha nokuba nothando lwezilimi nokukwazi ukuxhumana ngolimi lwesiFrench." Uthe ulwazi lwakhe lolimi lwesiFrench lwenza kubelula ukuxhumana nabantu asuke ehlangana nabo.
Eqhuba uthe akulona uthando lolimi lwesiFrench okumchaza ngale lizwe kodwa nokudla kwakhona kumhlaba umxhwele.
"Njengabantu baseNingizimu Afrika, siyazifela ngokudla futhi lokho ngikubona kakhulu uma ngingcebeleka. Sengisemkhankasweni wokuhlonza ukudla okwehla esiphundu. Yikho okungixhumanisa nekhaya."
NgokukaMaps, iParis ayiyona nje indawo yamaphupho akhe kodwa imvumela ukuba athakasele usiko, ulimi nokudla nokumenza azizwe esekhaya.
Ngenxa yamava akhe, ukhuthaza nabanye abantu ukuba bakujwayele ukuyongcebeleka kwamanye amazwe.