KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani kudliwa izibiliboco, kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe. Uma ufisa ukuthi izithombe zomcimbi wakho zishicilelwe kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: isolezwe@inl.co.za. Bhala kafushane ukuthi bekuwumcimbi kabani? Umayelana nani? Ukuphi? Uma esithombeni kukhona abayisihlanu kuya phansi, sicela nibhale amagama nezibongo zomuntu ngamunye. Izithombe zemicimbi sezishicilelwa njalo ngoLwesibili.