Izithombe zemicimbiKUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani, kudliwa izibiliboco kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukene exoxwa ngezithombe. Uma ufisa izithombe zomcimbi wakho zivele kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: [email protected] UNKSZ Fikile Kasa ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa nabangani asebenza nabo eJacobs, eThekwini Isithombe: SITHUNYELWEBEKUKUHLE kudelile isikole iSophie Phewa Primary, eZwelisha, ngase-Adams, sigubha i-Spring Day ifundisa umphakathi ngokulondoloza imvelo nokubaluleka kwayo Isithombe: SITHUNYELWE UMNDENI wakwaMyeza eNazareth, ngasePinetown, ubungaze umama wekhaya, uNkk Gloria Geli Myeza, obehlanganisa iminyaka engu-70 edla anhlamvana. Ubusiswe ngabantwana abahlanu nabazukulu abangu-12. Unwele olude! Isithombe: SITHUNYELWE BEKUYINJABULO yodwa abenkampani i-Multiserv benikela ngezicathulo nomfaniswano kubafundi baseBhekithemba Primary Isithombe: SITHUNYELWE ABANGENELE uMiss/Mr Richards Bay, beholwa wumgqugquzeli walo mqhudelwano, uSthulile Mtshali weMigido Events, kade bethola izifundo ngezokuvakasha esiqiwini saseHluhluweBEKUHLOTSHWE ngemvunulo eMerafe Hostel, eSoweto, eGoli, ngesikhathi uMnuz Celenkosini Cele Ngqulunga wasoKhukho, eMahlabathini, Olundi, ephelezelwa yizintombi zasoKhukho, ezifunda eNkandla, eVelangaye Isithombe: SITHUNYELWE BEKUSINDWE ngobethole ngesikhathi kunomabo kaMnuz noNkk Qatshana. Umcimbi ubuse Cato Manor, eMkhumbane Isithombe: SITHUNYELWE BEKUKUHLE kanje ngesikhathi uMnuz Njabulo Makhathini ebopha ifindo likasofasilahlane noNksz Lindiwe Magoso, umshado ubuse-Estcourt, ePhungweni Mission Isithombe: SITHUNYELWE KUQHILIKE izihlathi kuNkk Nomusa Mhlongo, uMaMhlanzi, emshadweni wendodana yakhe uMnuz Lunga, ebishadelwa nguNksz Thando Mabhena eMandeni Isithombe: SITHUNYELWE Share this article:ShareTweetShareShareEmailRead Next:Siphekani ngoKhisimusi?