Izithombe zemicimbiBAPHIWE izipho nokunye oMnuz Bongani Khathi waseMahlongwa, eMgobhozini, eshadelwa noNksz Thuleleni Nxele waKwaDlangezwa, eCrowder Isithombe: SITHUNYELWEBEZIHLOBE kanje izintombi emcimbini wengoma obuseKagiso eGoli. Kusuka kwesobunxele nguNksz Portia Majozi, Nksz Sesethu Mthembu, Nksz Oros Majozi, Nksz Nokwe Nyandeni noNksz Nokwazi Masondo Isithombe: SITHUNYELWE BELISIKWA lisale ikhekhe ngesikhathi uNksz Ntombi Maphumulo, enzelwe umcimbi wokubungaza usuku lwakhe lokuzalwa ngabantwana bakhe kwa-C, KwaMashu Isithombe: SITHUNYELWEBEKUSINDWE ngobethole abalandeli baMaZulu FC, baseMbumbulu, bevala unyaka ePipeline eToti Beach Isithombe: SITHUNYELWE LUZE lwafika usuku lokubonga ukuphila lukagogo uNkk Jabulile Doreen Sibisi, obeluhlelwe ngabantwana bakhe Isithombe: SITHUNYELWE BEBESWENKE ngezikibha ezifanayo abazukulu ngesikhathi kubugazwa impilo kagogo uNkk Jabulile Doreen Sibisi Isithombe: SITHUNYELWEUBEZIPHIHLE ngezaza uMnuz Mongeli Yengwa, ngesikhathi embesa uNksz Lungelo Zondi, eNgonyameni ngaseMlaza Isithombe: SITHUNYELWE ZIWUSHAYILE kuNksz Nomathemba Mtolo, oshade noMnuz Zwelibanzi Ndlovu, umshado ubusuka eBulwer, esigodini saseMqulela, uya eMpendle, esgodini saseSmilo Isithombe: SITHUNYELWEUMBHISHOBHI ZP Khwela weReformed St Johns Apostolic Faith Mission esekethe yaseSamariya, eMthwalume, umangazwe amakholwa ebandla ngomcimbi wokubungaza usuku lwakhe lokuzalwa ngemva kwenkonzo ngeSonto. Uhalaliselwa ngumkakhe uMbhishobhikazi L. Khwela Isithombe: SITHUNYELWEBEBEHLOBE ngemvunulo ngesikhathi kwenzelwa uNksz Zime Msweli (ophakathi nendawo) umemulo eMacambini, eMandeni Isithombe: SITHUNYELWE ABASEBENZI baseToyota Boshoku, eManzimtoti, bevalelisa kuzakwabo abasebenze naye iminyaka ewu-22, uNksz Bongi Shabalala, njengoba esethatha umhlalaphansi Isithombe: SITHUNYELWE ABAFUNDI baseMlokothwa High, benenkulumo ngxoxo nabe-Eskom Expo for Young sciensist Isithombe: SITHUNYELWEKUBE yinjabulo yodwa ngesikhathi uDkt Ngobese, ehlonishwa ngeziqu zobudokotela yi-International Bible College Isithombe: SITHUNYELWE Share this article:ShareTweetShareShareEmailRead Next:Siphekani ngoKhisimusi?