ABATHWEBULI abasafufusa bathokozele ithuba elingqayizivele lokuba yingxenye yohlelo olukhethekile lwe-UNICEF lombukiso wencwadi yezithombe ngaphansi kwesiqubulo esithi, The Green Rising: Through a Fresh Lens.
Le ncwadi equkethe izithombe ezahlukene eqhakambisa imvelo nokuguquguquka kwesimo sezulu yethulwe ngeWorld Environment Day, eGoli. Lo msebenzi wenziwe waba yimpumelelo ngokumema abathwebuli abasebancane namaciko asafufusa ukwenza lo msebenzi oxoxa indaba ebalulekile yokufundisa ngokuguquguquka kwesimo sezulu nomthelela wakho kwezemvelo.
Ukuthulwa kwale ncwadi kwenzeka ngemuva komsebenzi othathe izinyanga ezine kuzungezwa izifundazwe ezahlukene njengaKwaZulu-Natal lapho kukhethwe abantu abasha abaseminyakeni ephakathi kuka-18 no-24, beholwa wuqweqwe lomthwebuli uKim Ludbrook.
U-Etleva Kadilli, UNICEF oyiRegional Director for Eastern and Southern Africa uthi lo msebenzi uqhakambisa kakhulu abantu abasha nosebenzi wabo abawenzayo wokugqamisa inkinga ebheke nabantu abaningi yokuguquguquka kwesimo sezulu nokuthinteka kwezemvelo. “Ukukhula kolwazi lwabantu abasha ngezemvelo namalungelo abantu kubalulekile ekuholeni uguquko ngendlela abantu abenza ngayo ukubhekana nalezi zimo ngokuhambisana nezidingo zabo,” kusho uKadilli.
USandile Xhakaza ungomunye wabathwebuli abangu-12 ababenenhlanhla yokuthi imisebenzi yabo isetshenziwe kule ncwadi. Isithombe sikaSandile sihamba phambili ezikhangisweni zalo msebenzi ngesomfundi osemncane obonakala ewela kanzima endaweni egcwele amanzi ukuze afinyelele esikoleni endaweni yaseQoloqolo, KwaZulu-Natal.
Abanye abathwebuli abasafufusa okungu-Ayanda Mzondi (20) waseMlaza noLusanda Ndlovu (25) waKwaMashu abebehambele lo mcimbi eGoli bathi bathakase kakhulu ukuthola ithuba lokuncela embeleni ogwansile kanti lokhu kuzobasiza kakhulu njengoba befuna ukukhula ebhizinisini lokuthwebula.