UMNYANGO wezokuVakasha KwaZulu-Natal, usuzwakalise ukwenama kwawo ngesimemezelo sikaR2.4 billion wemali engeniswe yimboni yezokuvakasha kulesi sifundazwe ngamaholidi kaDisemba noNcibijane.
Ngokwesimemezelo esikhishwe wuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, uMnuz Siboniso Duma, izivakashi ezibalelwa ku-520 000 zakuleli neziwu-51 000 zakwamanye amazwe ezivakashele eKZN ngamaholidi, zishiye uR2.4 billion.
Izibalo zikhombisa ukuthi iKwaZulu-Natal, ibe nesibalo esiphezulu sezivakashi ngo-81% uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe phakathi kwaDisemba 26, kuya kuJanuwari 1.
UMnuz Nhlanhla Khumalo, obambe njengenhloko yezokuvakasha KwaZulu-Natal, uthe kubajabulise kakhulu ukwenza okungaphezu kwabebekulindele ngamaholidi.
“Ukuvalwa kwamanye amabhishi aseThekwini ngenxa yokungcola kwawo, kuphoqe ukuthi siqinise umkhankaso wethu wokunxenxa izivakashi ukuza esifundazweni sethu ngamaholidi kaDisemba noNcibijane.
“Ukwenyuka kwesibalo sabavakashele izindawo zethu ngoKhisimusi noNcibijane, ikakhulu ezindaweni ezisenyakatho naseningizimu yesifundazwe, kukhombisile ukuthi ukukhankasa kwethu kuthele izithelo,“ kuchaza uKhumalo.
Eqhuba, uthe izibalo abazitholile ziveze ukuthi phakathi kwezindawo ezenze kahle, kukhona i-Anew Hotel enamahhotela eKokstad, Newcastle, Hilton nasezindaweni ezigudle isifundazwe, okuvele ukuthi zenze inzuzo ephindwe ngo-80% ngamaholidi kaDisemba.
UKhumalo uthe ufisa ukugcizelela ukuthi lezi zibalo ngezokwenzeke ngamaholidi kaDisemba kuphela, uthe izibalo zokwenzeke emva kwamaholidi zizokhishwa ekupheleni kwaMashi.
“Kulezi zinyanga ezimbili ezizayo, sizokwamukela izivakashi eziningi ezizobe ziza kwiMidmar Mile ngoFebhuwari 11 nakwiDusi Canoe Marathon ngoFebhuwari 16 kuya ku-18.
“Siyethemba nokuthi sizokwazi ukufika kwinzuzo kaR4.1 billion esibheke ukuyenza ekupheleni konyaka,” kuphetha uKhumalo.