IQASHE inqwaba yabantu bendawo, yaphinde yanikeza nosomabhizinisi bendawo ithuba lokuthi basebenzisane nayo iWild Coast Sun ukuze baxoshe ikati eziko.
OyiGeneral Manager yendawo, uMnuz Peter Tshidi, uthe cishe u-90% wabasebenzi babo, ngabendawo.
Uthe bayaqhubeka nokudala amathuba omsebenzi, wathi bane-Hospitality Learnership lapho bethatha khona intsha engasebenzi endaweni bayiqeqeshe ukuze bayiqashe ngomuso.
Uveze nokuthi baphinde basungula neSun Academy Property ngo-2022, eqeqesha intsha efanayo emkhakheni wezezindlu.
“Kuthi uma sesifuna ukuqasha, sihambe siyobheka ohlwini lwalaba esabaqeqesha, sithathe kubo,” kusho uTshidi.
Uthe abanye babo bagcina sebengabapheki abazimele.
Uthe bazibekela umgomo wokuthi uma bedinga usomabhizinisi ukuthi azobahlinzeka ngezidingo ezithile, kufanele ukuthi u-40% wabanikazi benkampani kube abendawo.
“Umuntu osiphathela umsebenzi wokupenda ihhotela, owesifazane wendawo, inkampani yonogada, izitolo zokudla ezifana noDeboniars noSteers noFishaways esinazo ngaphakathi ezomuntu omnyama wendawo,” kusho uTshidi.
Uthe kuningi abakwenzayo emphakathini okubandakanya ukudlondlobalisa osomabhizinisi.
Wenze isibonelo ngomunye wesifazane, athe baqala ukumsiza ngezithombo, wathi njengamanje sekunguye osedayisela ihhotela imifino, aphinde adayisele nezitolo ezinkulu ezakhele indawo.
Uthe indawo yabo iyawahlomulisa namabhizinisi aKwaZulu-Natal njengoba izivakashi zabo eziningi zivame ukufika ngomgwaqo oqhamuka KwaZulu-Natal.
“Izitolo namagaraji akhele lo mgwaqo, kuyahlomula ngoba izivakashi zethu ziyama zithenge izinto ezehlukene ziphinde zifake nophethroli ngaphambi kokuthi zidlulele kithina.
Uthe konke lokhu kutshale umoya wobumbano phakathi kwezifundazwe, nabantu abehlukene nokunomthelela omuhle ehhotela labo.
“Siwugqugquzela kakhulu umoya wokuzwana. Umuntu nomuntu kufanele uzame ukumfunda, ufunde kabanzi ngemvelaphi yakhe ukuze ukwazi ukumqonda. Lokho kwenza kube lula ukusebenzisana, ngisho noma kukhona ukuphikisana ngokuthile, kuba lula ukudlula kukho,” kusho yena.
Uphethe ngelithi abasebenzi babo bahlala baze baye empeshenini nokuyinto ebasebenzelayo beyihhotela ngoba wonke umuntu uzizwa eyingxenye yombono wokulithuthukisa.