SINGENISILE isitayela sokunyusa izinga lomcimbi ngokuqasha ungoti ozochazela izimenywa nezicukuthwane ngokusheba ukudla newayini.
Ungoti usuke azi konke ngezinhlobonhlobo zewayini futhi azi ukuthi uhlobo oluthize luhambisana nasiphi isidlo ukuze kube mnandi uma ukusheba.
Wuhlobo lomsebenzi oseluqala ukungenisa kangangokuthi uMnyango wezokuVakasha kuleli uqale uhlelo lokuqeqesha abantu abasha ekutheni babe ngongoti abanolwazi ngamawayini, phecelezi amaSommelier.
Umnyango ubona umsebenzi ungalekelela abantu abasha ngokubahlomisa ngolwazi olungabasiza ngamakhono, nokuthi basungule ibhizinisi emkhakheni wezokuvakasha.
Ohlelweni kusanda kwethweswa iziqu abantu abasha abangu-88 baKwaZulu-Natal, ngemva kokuqeqeshelwa ukwenza umsebenzi. Sebe bonke abebeyingxenye yohlelo bangu-252, uma kubalwa nabebeqeqeshwa eWestern Cape.
UNothando Khuzwayo (26) waseBallito, ungomunye wabaphothule uhlelo KwaZulu-Natal, nosengakwazi ukusebenzisa ulwazi aluncelile ekuzithuthukiseni.
“Ngizibona nginenhlanhla enkulu ngokuthi ngikwazi ukuba yingxenye yohlelo ngikwazi ukuhlomula ngekhono. Ngiwubonga kakhulu uMnyango wezokuVakasha,” esho ngamafuphi uNothando, emva kokuthweswa iziqu.
Nabanye abathweswe iziqu bazwakalise ukulijabulela ithuba bagqugquzela nabanye abantu abasha ukuba bangawashalazeli amathuba anjengalawa.
UNothando nabethweswa nabo iziqu, baqeqeshwe unyaka wonke ngoba uhlelo lwabo luqale ngoNovemba wanyakenye, baluphothula ekupheleni kuka-Okthoba kulo nyaka.
AboMnyango wezokuVakasha bathe basaqhubeka nokuzibophezela ekuthuthukiseni umkhakha wezokuvakasha, nokuqeqesha nokuthuthukisa amakhono ukuze bakhiqize imiphumela emihle kwezokuvakasha.
Lolu hlelo loMnyango lwasungulwa ngo-2012, ngenhloso yokuvulela abantu abasha amathuba emisebenzi kwezokuvakasha.