SEKUBALWA amahora kufezeke amaphupho ozime bakuleli abafuna ukubanga isicoco sikaMiss South Africa. Ngokusho kwabahleli bakaMiss South Africa, kusasa ngo-7 ebusuku kulindeleke ukuthi kumenyezelwa iziphalaphala zezintokazi eziwu-30 eziqokelwe lo mncintiswano.
Ngokusho kwabahleli balo mcimbi ikhona ne-app umuntu angayifaka athole khona konke okuphathelene nalo mncintiswano nezimemezelo.
Esitatimendeni esishicilelwe, kuvele ukuthi yonke imininingwane yabaqokelwe lo mncintiswano izosatshalaliswa kwabezindaba ngo-19:30 ngawo uLwesithathu ebusuku.
Ekhasini likaMiss South Africa kwiFacebook, sebeqalile ukuthipha abantu abafisa baphumelele kulo mncintiswano njengoba beqhamuka kuzona zonke izifundazwe zakuleli.
" UClaude Mashego nakanjani ungenile kulaba abawu-30," kusho uKatlego KayCee Motseleng.
"UBasambilu Millicent Vuyeka ngiyamethemba kulokhu," kusho uKuthemba Baloyi.
"Ngibambe umoya ngoNatasha Joubert," kusho uBokang Lepota.
Kungokokuqala emncintiswaneni walo nyaka ukuthi kuvulelwe nabesifazane abashintshe ubulili, abashadile nabake bashada ukuba bangenele.
Lokhu kulandela ukushintsha kwemithetho yomncintiswano weMiss Universe nawo oshintshe imithetho ukuze kuvuleleke abesifazane abehlukene.