USOMAHLAYA ozakhele udumo ngamavidiyo ahlekisa kuFacebook nonina, uthi waqala ngokuthandana nowesilisa owamkhipha entombini eqala ukwamukela ukuthi uthandana nabobulili obufana nobakhe.
USbonelo ‘Chicken’ Mhlongo uveze lezi zindaba engxoxweni abe nayo neSolezwe Ngempelasonto. Ubecacisa ngokuphumela kwakhe obala ngokuqala ukuthandana nabanye abesilisa.
Ukusho lokhu emva kokuveza kwiPodcast kaGogo Skhotheni ukuthi esemncane walala kakhulu nabesifazane ngaphambi kokuvela ukuthi uthanda abesilisa.
“Ngikhule ngazi ukuthi ngithanda abanye besilisa kodwa ngikufihlile. Kunalokho bengizijabulisa kakhulu ngocansi nabesifazane ngoba ngizama ukugqiba engiyikhona.
Kwakunzima ukwamukela futhi ngingakuqondi okwakwenzeka kimina. Kukhona isikhathi lapho engake ngazama khona nokuzibulala, ngizitshela ukuthi ngihlaselwe yidimoni lokuthanda abanye besilisa.
Ngesikhathi ngiqala ukuzamukela ngathandana nomfana owangikhipha entombini,” kusho uChicken.
Ukuba yilolu hlobo lomuntu awuye uthe kwamthwesa kanzima ngoba wayengazi nokuthi abantu bazomamukela kanjani uma eziveza. Nomndeni wakhe uthe wayengazi nokuthi uzothini njengoba umazi engowesilisa.
Uthe njengoba esezamukele, akaziboni ephindela emuva ethandana nabesifazane futhi sekungamhlanzisa lokho. Uthe kumanje kunowesilisa athandana naye asebethembisene nomshado naye, uSiyabonga Ngubo.
Uveze nokuthi akazwani nabanye abathandana nabobulili obufanayo baseThekwini. Bona uthe akukho akubange nabo kodwa uthole ukuthi kabafuni ukubona omunye wabo ephumelela.
Uthe uphumelele njengoba eseke waba nohlelo kwithelevishini nonina, kumanje uthe unebhizinisi iChicko’s Mobile Bar, athe litholakala ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal.
Abantu abasuke beyidinga uthe baxhumana naye ngokumthumelela i-email noma bamfonele.