UMDLALO wakuthelevishini Uzalo luzoshaya ngolunye unyawo njengoba luzokwethula umlingisi oyiMeya, ozoqala ukubonakala esiqeshini sanamhlanje.
Isolezwe ngempelasonto libe nenhlanhla yokuhlangana nozobonakala elingisa le ndawo nophinde abe wusomabhizinisi odumile, uSiyanda Calvin Ntenga.
Injabulo ibibhalwe ebusweni kuNtenga ngesikhathi ehlangana naleli phephandaba.
“Yize ngingathandi ukukhuluma ngale ndaba kodwa angifuni ukuqamba amanga ngijabulise okwengane encane. Kuzobe kungokokuqala ngibonakala kwithelevishini njengomlingisi,” kusho uNtenga.
Iningi labantu limazela emabhizinisini nakwipolitiki kwazise uvamise ukukhangisa amabhizinisi ahlukene kanti uphinde azwakale nasemsakazweni ekhuluma ngazo ezamabhizinisi.
Elandisa Isolezwe ngempelasonto ngendawo azoyilingisa, uthe uthukile ethola ucingo lumbuza ngokuthi angakwazi yini ukulingisa indawo yokuba yiMeya yeTheku.
“Ngivele ngamangala ngoba mina angazi lutho ngokulingisa ngazitshela ukuthi mhlawumbe bathinte umuntu okungesiye. Baye bagcizelela bathi bafuna mina, kwathatha isikhathi ukuthi le nto ingene, ngazitshela ukuthi bayadlala. Ngimangale sengiphinda ngithintwa futhi,” kuchaza uNtenga.
Uthe ukholwe eseyoqopha iziqephu zakhe nokuthuse abanye abalingisi ngesikhathi eshelwa yizwi, akuhlanganisa nokwethuka njengoba wayeqala ukulingisa.
Uveze ukuthi abantu bazoyithanda indaba yeMeya yeTheku nathe uzizwa ehloniphekile ukulingisa indawo engaka.
Uthe into enhle kakhulu wukuthi le ndawo ayilingisayo ayiqhelelene kakhulu nokuba wusomabhizinisi ngoba bekungenzeka athole indawo yokulingisa umuntu ongathembekile emphakathini nobekungenzeka kumqhathe nasebenzisana nabo.
Ubonge indlela ozakwabo alingisa nabo kuZalo abamamukele ngayo wathi uzizwe esekhaya.
Imizamo yokuthola aboZalo ukuze baqinisekise lezi zindaba ayiphumelelanga njengoba ucingo belukhala lungabanjwa