UTHEMBA Mabaso owaduma ohlelweni iBig Brother Mzansi useveze ukuthi ngesizini yesibili yohlelo lwakhe iThemba: My Inked World uzobonakala ezama ukulungisa impilo yakhe njengoba kukuningi okwenzeka ngesizini yokuqala.
UThemba ukusho lokhu njengoba isizini yesibili yalolu hlelo ishaya ibuya kuMzansi Magic (161), kusuka ngo-Ephreli 9 ngo-8 ebusuku.
Kulona uzobonakala nomndeni nabangani bakhe.
Kuqinisekiswe izindaba zokuthi unina wengane kaThemba, uMpho Wabadimo, ngeke abe yingxenye yohlelo.
Kuke kwavela izindaba zokuthi laba abasabhekani njengoba uThemba wayengenaso isikhathi sokuba naye ngesikhathi ezithwele nokwenza kwaphela ngothando lwabo.
“Le sizini entsha izokhombisa ngizama ukubuyisa isithunzi sami njengoba emehlweni abantu abaningi kukhona engingakwenzanga. Ngisezinhlelweni zokuba umuntu ohlukile kunalokhu abantu abangazi ngakho, ngeke nje ngigcine ngokwenza lokhu kubantu emphakathini kodwa nasezinganeni zami ngifuna ukuba nazo zonke ngaso sonke isikhathi ezingidinga ngaso. Ngifuna ukufeza amaphupho ami, ngilungise wonke amaphutha nomndeni wami bese ngiba nobudlelwane nabantu abakhombise ukuthi bangabangani bami beqiniso,” kusho uThemba.
Uthe abantu kukhona okuhle abakubona sekuyophela uhlelo, kodwa kuningi okwenzeka seluphelile.
“Kwabonakala ngenza okungekuhle ngesikhathi uMpho engidinga ekhulelwe kodwa ngangaba khona. Ngisho ngiqashiwe kumele ngiyosebenza kukhona lapho engangenza khona amaphutha ngingafiki ngesikhathi nokwangakhela isithombe esibi. Ngakho manje kudingeka ngilungise konke lokho nabantu bazobona ukuthi yini engiyenzile. Kumele nakanjani ngiye kuMpho ngiyoxolisa ngokwenzeka kuye, abantu abalinde- ke ukuthi lokho kuzokwenzeka yini noma cha,” kusho yena.
Uthe okunye asematasa ngakho ukungena emkhakheni wamabhizinisi nasemculweni.