BASHIYE abangalazi abalandeli beReal House Wives of Durban (RHOD) kwiTwitter becikwa nguNonkanyiso LaConco, abathi uphila impilo engamanga.
ULaConco ekhuluma kulolu hlelo olukhonjiswa kuShowmax esiqeshini esedlule uthe, phambilini wachaza ukuthi uyisiqashi futhi akanalo itayitela lendlu.
Uqhube wathi, wathatha isinqumo sokungavuleleki ngempilo yakhe yangasese ohlelweni ngoba egwema ukuzithola esengcupheni.
Baphumele obala ngokukhathazeka kwabo ngemuva kokuthi lentokazi iveze kulolu hlelo ukuthi yayisiqashile isithabathaba somuzi eyaqopha kuso iziqephu zohlelo.
ULaConco uveze lokhu ngesikhathi behlangene bonke estudio nomethuli wohlelo, uDonovan Goliath.
Abaphawule ezinkundleni bebelibeka ngembaba elokuthi asikho isidingo sokuthi ibuye lentokazi kwi-sizini yesithathu. Abanye bebebuza ukuthi sikuphi isidingo sokungena kwakhe ohlelweni ekubeni engenayo imali.
U-@libourgieboy uthe : “Indlu aqopha kuyo uLaConco akusiwo umuzi ahlala kuwo. Lo sisi kumele akhishwe ngeke. Uphila impilo engamanga.”
UMaOnisa ubuze ukuthi uma uLaconco eqikelela ngempilo yangasese kungani esohlelweni olukhuluma ngempilo yakhe?
Imizamo yokuthola uLaConco ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Imiyalezo athunyelelwe yona kuWhatsApp nange-sms, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphenduli.