IYAZISOLA ngenkulumo engehlanga kahle eyenze ukuthi ikhishwe ohlelweni iBig Brother Mzansi, insizwa yaKwaNongoma, uLindokuhle Nsele, eyaziwa ngelikaBravo B.
NgoLwesihlanu, kuphoqe ukuthi akhishwe kulolu hlelo uBravo B, kwathi umngani wakhe, uMakhekhe, washaywa ngoswazi oluncane, ngemuva kokubhunga ngetulo lokuthi balale nabanye besifazane abakwiBig Brother uma sebedakiwe.
UBravo nguye ophimise la magama agxekwe kakhulu abantu bakuleli njengoba bethe le nkulumo ingaholela esigamekweni esibi.
Esitatimendeni esikhishwe uBravo B, uveze ukuthi uyaxolisa kuwona wonke umuntu wakuleli, kubalwa abalandeli bakhe, abaxhasi bohlelo kanjalo nakozakwabo akade enabo endlini.
“Yize sengiphumile endlini kodwa ngithanda ukubonga kwiBig Brother ngokunginika ithuba elifana naleli lokuba ngomunye wabasendlini yakhe. Ngibubonile ububi nobungozi benkulumo engiyikhulumile, ngalokho ngiyaxolisa kakhulu. Ngiyazisola ngengikukhulumile okwenze kwaphoxeka abaningi abanye balimala. Ngiyazisola kakhulu futhi angiziqhenyi ngalokhu,” kusho uBravo B.
Uthe umndeni wakhe ume naye kulesi simo futhi uyazi ukuthi njengengane abayikhulisile, lokhu akwenzile akuyona indlela abamkhulise ngayo.
“Umndeni wami nawo uphoxeke kakhulu njengoba kungeyona indlela abangikhulise ngayo le abayibone yenzeka ohlelweni. Kodwa uxhaso abalukhombisile yingoba bayazi ukuthi lokhu okwenzekile kwenziwe umuntu bona abangamazi. Ngiyabonga kakhulu uxhaso neziyalo engizithole kwabanye abantu futhi ngempela kukhona engikufundile ngalesi sehlo, ngikhulile. Uhambo lwami endimeni yobumnandi alupheli la,” kuchaza isitatimende.
Uthe umfisela konke okuhle umngani wakhe uMakhekhe, osazobhekana nezinkinga ezihlukene njengoba ehlezi endlini kaBig Brother.
Ukugcizelele ukuthi ngalesi sigameko kukhona akufundile futhi wakhula.