UKUPHELA konyaka kusho ukubheka emuva la sisuka khona nezinto ezinhle ezike zenzeka kuwo.
Njengoba sesibala izinsuku siwugoqe unyaka u-2024, ake sibheke emuva izinto ezinhle ezenzeke kwenye intsha yakuleli endimeni yobumnandi.
Ukuba usaziwayo odumile akuyona into eyenzeka nje ngosuku olulodwa kodwa kuba wumphumela wokuzinikela nokusebenza kanzima.
Kulo nyaka kukhona intsha yakuleli eyenze kanjalo njengoba imikhakha ekuyo iyibeke ebalazweni. Ikakhulukazi emculweni intsha eqhamuka emadolobheni ehlukene, yenze ezibukwayo, hhayi nje kuleli kuphela kodwa nakwamanye amazwe.
Kulo nyaka akekho ongangabaza ukuthi intokazi yaseGauteng, uTyla, yenze ezibukwayo emicimbini emikhulu futhi ehlonishwayo emhlabeni.
UTyla uwine izindondo ezehlukene okukhona kuzo i-Grammy, BET Awards, MTV Europe Music Awards, wabuya wazohlonishwa nasekhaya njengoba enze ezibukwayo emcimbini ama-Sama.
Ukuqoqa kwakhe izindondo kuqale ekuqaleni kwalo nyaka ngenkathi ethola indondo ye-Grammy emenze wazinza phesheya kwezilwandle njengoba kube khona inkampani emthathile wasebenza nayo.
Kula eqale khona ukugqama, waqokwa emicimbini yezindondo futhi wahamba nemiklomelo eyehlukene. Okugqamile ngaye ukuthi ubengahlonishwa nje kuphela ngendondo eyodwa kodwa ubebutha kasani uma eqokiwe.
Muva nje, usanda kubonga abalandeli bakhe ngokufinyelela kubalandeli abangu 10 million kwi-Instagram. Uthe uyabonga kakhulu ngabamenzele khona wase ebafisela uKhisimusi omuhle.
UTyla akuyena kuphela esingathi wenze kahle emculweni, intokazi yaseNanda, uNaledi Aphiwe, nayo iqophe umlando njengoba igcine ihlanganile nomculi waphesheya uChris Brown obekuleli ezojabulisa abalandeli bakhe ngomculo.
Ukusebenzisana kukaNaledi noChris kuqale ngasekupheleni kuka-2022, uChris Brown esebenzisa izinhlavu zengoma eyayiculwa yile ntokazi engomeni yakhe ethi Shooter. UNaledi ube ngesinye sezimenywa eziqavile ekhonsathini kaChris Brown ebiseFNB Stadium, eSoweto, ngempelasonto edlule.
Omunye wabaculi esingathi lo nyaka umhambele kahle, uZee Nxumalo. Le ntokazi ifike kwezwakala emculweni futhi yasebenza nabaculi abehlukene.
Kumanje izingoma ezwakala kuzo okukhona kuzo ethi Ama Gear ne-Thula Mabotha, ngezinye ezibhekwe ekutheni zihlukanise unyaka.
Umculi kamaskandi wasoPongolo uGatsheni ngomunye wamaciko agqamile ku-2024.
UGatsheni uzihlomulele ngezindondo ezehlukene emcimbini yezindondo okukhona kuzo ama-Sama nama-Satma ngenxa yezingoma zakhe azikhiphe eminyakeni edlule.
UGatsheni uma sibheka emuva ngesikhathi amaqembu ezepolitiki ekhankasela ukhetho lwanonyaka, wenze ezibukwayo eqashwa emicimbini ehlukene. Ingoma yakhe ethi Ibhodlela imthathe yambeka esicongweni.
Okunye okungigqamele kulo nyaka, ukwenza kahle kwentsha yakuleli isebenzisa inkundla iTikTok. Iningi lentsha liyisebenzise kahle ngendlela yokuthi namhlanje liphila ngayo futhi ibavulele iminyango emikhulu.
Entsheni okukhona kuyo uThick Dudle waseThekwini, Ndile, Lerato Nxumalo, Dominic Zaca, Xolisani Mbeje nabanye, benze ezibukwayo kulo nyaka bevelela ngama-video okubenze balandelwa yizinkumbi zabantu.