UThembisa ukhulume okokuqala ngokugula kwakhe ngemuva kokuphumela obala kwiTwitter ngokuthi uxinwe yileli gciwane.
Le ntokazi, ebidlala indawo kaVuyiswa kwiThe Queen, yabhala ekhasini layo leTwitter ekuqaleni kwenyanga ukuthi iyagula.
“Ngiyabonga kuwona wonke umuntu okhombise ukungeseka kulezi zinyanga ezidlule. Izingane zami nomyeni wami yibona abangenze ngalwa, angazi ngingababonga ngithini. Bengiphuma ngingena esibhedlela izinyanga ezimbili kusuka ngo-Ephreli kwaze kwaba ngingena inyanga yonke muva nje. Bekuyisikhathi esingithuse kakhulu, ngiyabonga kodokotela abakade bengixilonga, bengilapha njengoba sengingcono. Uma sengibuyela emsebenzini ngizoba ngomunye wabantu abafundisa nabaqikelela kakhulu uma kuziwa ekutheni kubhekwe izindlela zokusigwema nokusivikela lesi sifo. UNkulunkulu uyazi ukuthi bengilwenza ucwaningo ngalesi sifo futhi ngifunde lukhulu,” kuchaza yena.
Uthe akakuthathi kalula ukululama kwakhe njengoba kudlule abantu abaningi emhlabeni ngenxa yaleli gciwane.
“Ukuphuma nje esibhedlela ngiye ekhaya kube yisibusiso kumina futhi angikuthathi kancane. Imikhuleko yenu yenze okukhulu empilweni yami. Ngiyabonga kubasebenzi bezibhedlela engilale kuzona, iMorningside neSandton MediClinics, nabebengiphethe kahle kakhulu,” kuchaza yena.
Okwamanje uThembisa uveze ukuthi odokotela bamyalele ukuthi angaqale abuyele emsebenzini njengoba kuzothatha izinyanga eziyisithupha ukuthi alulame ngokugcwele.