OWAYENGUMFUNDI wezindaba emsakazweni womphakathi, iVibe FM, uSamaJobe, ufanise ukwamukwela komdlalo wakhe womoya emsakazweni uKhozi FM njengokufezeka kwephupho lakhe leminyaka lokuchuma ngokubhala.
USamaJobe (27), waseMlaza, ogama lakhe lokuzalwa nguSibusiso Sithole, uthe ukube unamaphiko okundiza ngabe undizela phezulu njengoKhozi ngenxa yempumelelo yomdlalo wakhe womoya osihloko sithi Ingwijikhwebu.
“Bese kuphele unyaka wonke ngathumela lo mdlalo oKhozini ngakho kuyintokozo kimi lokhu futhi kufana nesiqalo sokufezeka kwephupho lami lokubhala,” kuchaza uSamaJobe.
Uthe lo mdlalo, oqale ukuzwakala oKhozini ngoLwesibili emva kwezindaba zehora lesithathu ntambama, ugxile endikimbeni yokungqubuzana kwempilo yesimanje nendlela yokwenza yesintu namasiko, okubhekana nabalingiswa abaqavile bomdlalo.
“Umdlalo uneziqephu eziwu-30 ezibhalwe yimi ngisebenzisa ulwazi lokubhala engaqala ukuzicija ngalo ngokufunda izincwadi kusukela ngisafunda eQhilika High, okuyilapho engaqala khona ukuthanda ukubhala.
“Lokhu kuyisiqalo sezinto ezinhle futhi ngeke ngisabheka neze emuva, ngizoqhubeka nokuzithuthukisa ngolwazi lokubhala,” kuphetha uSamaJobe oneziqu zobuntatheli.