UYAYIVUMA induku usaziwayo okhishwe esithombeni sakhe nomyeni wakhe kwafakwa omunye umuntu wesifazane.
Lokhu kwenziwe yintokazi ezibiza ngoThully Gumede kuFacebook. UThully ufake isithombe sikaKuli Chana ongumrepha nomkakhe uLamiez Holworthy wafaka nesakhe emi yedwa, wanxusa abanobuhlakani bokuguquguqula izithombe basuse unkosikazi kaKhuli Chana bafake yena.
Nebala isicelo sakhe siphumelelile futhi isithombe saba sihle sengathi singesangempela. ULamiez unikele kule nkundla encoma ubuhlakani obenzekile, watshela uThuli ukuthi akayithathe indoda uyamuvuma.
“Ngicela nitshele uThully Chana azothatha indoda yakhe,” kubhala uLamiez.
ULamiez ucacisile ukuthi ngumdlalo lo futhi abantu abakhululeke kancane bathokoze nabanye.
Nosipho Xolie Mthabela Fakude: Ngithanda nengqephu efanayo 😂😂😂
Phumla Mzobe: ELadies house abacucuzi 😂🤣😂🤣😂🤣
Gugu Nsoh Ngcobo: Hhayi bakithi eLadies House ngiyophuma ngebhokisi, phela ayikho indawo emnandi njengaleya🤣🤣🤣