USINDE kukubi umsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza othi usinde ethunjwe yizigebengu zamkhiphisa yena nomngani wakhe abehamba nayezabakhiphisa imali esebhange ewuR45 000, kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.
UBingelela waKwaGugothandayo, KwaNongoma, exoxa neSolezwe izolo uthe namanje usathuka izanya, akazi nokuthi basinde kanjani behlaselwa ngamadoda amabili ngoMgqibelo ebusuku eya emsakazweni, esigamekweni esenzeke enkabeni yeTheku.
UBingelela uthe namanje uyalesaba iTheku njengoba esale ethukile ngemuva kwesigameko esimshiye engenalo ngisho ucingo.
Uthe ubefika eThekwini eya ezindlini zomsakazo eyoshayela khona uhlelo oluthi Sekuntwela Ezansi, olungena ngeSonto ezintatha ngesikhathi ehlelwa yisigameko.
“Uhlelo lwami njengoba lungena izintatha nami bengihamba nomunye owesilisa engimjwayele, okuthe nje singaseSunCoast saqhamuka irobhothi livaliwe, kukhona izimoto ngaphambi kwethu sase sima. Kuthe kungakapheli sikhathi simile kwaqhamuka amadoda amabili, adubula avula imoto ngoshova. Ngokuthuswa yisibhamu savula asikhipha asifaka emotweni ngemuva asitshela ukuthi asibheke phansi singawabheki,” kusho uBingelela.
Uthe akazi nokuthi bebekuphi njengoba imoto ihambe yaze yafika ehlathini lapho bekunendlu khona ababahlalise khona.
“Kulapho izinto zifike zashuba khona, njengoba bebesitshela ukuthi bazosibulala uma singayenzi into abayifunayo. Basikhiphise imali emabhange ngama-App ethu. Ubhuti lo ebengihamba naye bathathe uR35 000 kuye, kimina bathatha uR15 000. Basithathele izingcingo sasala singenalutho. Mina bacishe bangilimaza njengoba i-App yami ibibanika inkinga idinga ukuthi ilungiswe kodwa ekugcineni bakhone ukukhipha imali,” kusho uBingelela, obekuzwakala ukuthi usathukile.
Uveze ukuthi ubonga ukuthi imoto abehamba ngayo igcine itholakele ngokosizo lozakwabo oKhozini, ababe wusizo kuye bezwa ngokubehlele.
Uthe athanda ukuqwashisa abantu ngakho wukuthi uma ubungozi bungekho emarobhothini ebusuku, bangami njengoba yilapho izigebengu zenza khona ukukhohlakala.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uKapteni Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa aphenya icala lokudunwa kwemoto
Uthe owesifazane nozakwabo badunwe imoto, izingcingo nemali emgwaqweni uMarine Parade kodwa okwamanje basathungatha abasolwa.