UMLINGISI usenxuse ukuthi intsha ikujwayele ukubuka amafilimu njengoba ekholwa ukuthi kukhona engakufunda kuwo futhi kuyisize ngisho esikoleni, emindenini nasemiphakathini ehlala kuyo.
UNozuko Ncayiyane ukusho lokhu njengoba elingisa indawo ephambili efilimini ethi Mtase Khaya ekhonjiswa kwiShowmax.
Ekhuluma ngendawo kaLindiwe ayilingisayo, uthe igqamisa kakhulu uthando oluvezwa izelamani ezibhekene nezinkinga zempilo.
“Ifilimi ebheka uhambo lwezelamani uLindiwe noBongiwe (Amanda Seome). ULindiwe ufika eGoli ngemuva kokuboshwa kukadadewabo, obesekuyisikhathi eside ahamba ekhaya. Ungena ejele ngoba kukhona abambheca ngobende, ngakho udadewabo uzomkhipha njengoba esethole ukuthi uboshelwe into engayenzanga. Konke lokhu uLindiwe ukwenza ngoba ngesikhathi besakhula babenobudlelwane okuhle., Ngemuva kwakho konke ngabe uBongiwe uzokubona ukuzikhandla kukadadewabo bese ezama ukubuyisa isikhathi esibalahlekele bendawonye baphinde bajabule futhi,”? kubuza lo mlingisi.
Uthe akufundile ngokuba kule filimu ukubaluleka komndeni nafisa ukuthi ibukwe yintsha angangabazi ukuthi izosizakala.
“Ngithemba ukuthi kuzocacela noma ubani ukubaluleka komndeni. Le filimu ikhombisa ukuthi wonke umuntu unohambo lwakhe nokuthi impilo yakho ingashintsha uma sekufike isikhathi. Nami kukhona empilweni yami ebengibona ukuthi ngishoda ngakho nengikutholile ngilingisa kule filimu. Uyabona ke ngalokho ngeke kusizakale mina kuphela, baningi abazokwelapheka,” kuchaza yena.
Uthe ukulingisa noSannah Mchunu ongunina kulo mdlalo kwenze umsebenzi waba lula wafana nomzali wangempela kubo.