OBENGUMSAKAZI weRise FM, nosanda kuphumela obala ngokuthi useyisangoma, uZukiswa "Zookey Zarling" Vutela, uNdlovukati Dumizulu, uchaze kabanzi ngokuvela kumavidiyo ebukeka sengathi ukhulelwe.
Kulezi zinsuku kunamavidiyo awanameka ekhasini lakhe, amveza enesisu okubukeka sengathi ukhulelwe. Echaza ngokubukeka kwakhe uthe akakhulelwe kodwa unesimo esingajwayelekile sokuba nazo zonke izimpawu zomuntu okhulelwe kodwa engakhulelwe okubizwa, ngePhantom Pregnancy.
“ Imimoya yedlozi lena, engenza ngibukeke kanje. Angikhulelwe. Into eyenza ngiyiveze indlela engibukeka ngayo wukuthi ngiyaziqhenya ngomzimba wami. Uma sengikulungele ukuchaza ngohambo lwami lwasedlozini, ngiyozichaza zonke izinselelo engibhekane nazo. Inhloso ukuthi ngelinye ilanga ngifundise abantu abathwele kanzima ngenxa yedlozi, nabakhathazekile ngoshintsho olwenzeka emzimbeni uma ukulolu hambo ngoba kukhona abakhathazekile. Kukhona nabantu abebehlekisa ngesisu sami kodwa ngelinye ilanga ngizobafundisa ngalo,” kuchaza uNdlovukati Dumizulu, ngesisu sakhe esikhukhumele.
Ngokombhalo kwenye yamavidiyo esho sengathi uqonde ukukhulelwa, uthe ubengaqondile kona kodwa ubezama ukuchaza ukuthi umuntu wakhe uyazi ukuthi yini ayithwele esiswini ngokwedlozi, yingakho engenankinga ngendlela ayiyona.
Uqhube wathi uma esekulungele ukuchaza ngesimo uyogonyuluka achazele abantu. Kukhona abebencoma isibindi sakhe nokukhombisa ukuzethemba ngokuveza isisu sakhe.