UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo, KwaZulu-Natal uthi isifundazwe sizohlomula ngemali engaphezu kuka-R350 million ngokusingatha imiklomelo amaSouth African Music Awards (Sama) ngenyanga ezayo.
Ukusho lokhu uphendula imvunge yamaqembu aphikisayo, ngemali okuthiwa izokhishwa ukuxhasa umcimbi okubikwe ukuthi ingu-R28 million.
Ama-Sama, okuzoba ngaka-29 ekhona, kulindeleke ukuthi abe seThekwini ngoNovemba 17 no-18.
Umnyango uthe izibalo kazilona iqiniso futhi zakhelwe ukufaka uvalo kubantu nokubukela phansi imizamo yokuvusa ezokuvakasha nokungcebeleka.
“Singakuqinisekisa ukuthi imali elinganiselwa ku-R20 million ephakanyiswe njengengxenye yesivumelwano seminyaka emithathu.
Uhlelo lokuyithola seluqalile ngokulandela umthetho wokuPhathwa kweZimali zoMphakathi. Kulo R20 million ophakanyisiwe, ingaphezu kuka-R350 million imali ezongena emnothweni wesifundazweni kulezi zinyanga ezimbili ezizayo kulo nyaka,” kusho umnyango.
Ngokwesitatimende somnyango, iTheku lizohlomula ngo-R63 million njengoba ama-Sama ezoba kuleli dolobha futhi kuzosimama nomnotho wasemalokishini nezindawo ezakhele iTheku.
“UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha noKongiwa kweMvelo uMnuz Siboniso Duma wakubeka kwacaca ukuthi uhulumeni ukusekumela phezulu ukudla imbuya ngothi kwamaciko nokuhlupheka kwabasezimbonini zokungcebeleka, ngesikhathi kumenyezelwa eSoweto Theatre, ukuthi i-KZN izosingatha ama-Sama.
“Sifisa ukuqinisekisa ukuthi ngokwesivumelwano nemboni yokuqopha yaseNingizimu Afrika, amanani asembonini azosebenza ukuze kunxeshezelwe amaciko nalabo abazokwenza imisebenzi.”
Umnyango uthe okuvela kulesi sikhalo, kungatolikwa ngokuthi amaciko kawafanale ukwenza imali futhi kumele athole amakinati.
Uqhube wathi ngokocwaningo lwawo, imali izongena esifundazweni ngezinhlelo ezahlukene nangokuqashwa kwezindawo zokulala, ukuthuthwa kwamaciko nezimenywa nokunye.
Uthe ama-Sama azomaketha isifundazwe futhi athuthukise ezobuciko esifundazweni. Enye yezindlela zokumaketha isifundazwe wukuthi kuzoba nemicimbi eMpumalanga, Limpopo naseGauteng.
Kuzophinde kube neminye, okuhloswe ngayo ukugqugquzela ezokuba seMkhanyakude, uThukela, Mgungundlovu, eThekwini, Ugu, naseLembeni.
“Kuyaziwa ukuthi iCovid-19 nomvalelandlini kuphazamise imboni yezokuvakasha nobuciko. Umvalelandlini wenze abantu bangakwazi ukuhamba ngokukhuleka futhi nemicimbi yamiswa okwaholela ekutheni ithalente lesizwe licekeleke phansi.”