OSAZIWAYO bakuleli sebephonsele uMnyango wobuCiko namaSiko kuleli ukuba usukumele usizi lomlingisi wodumo kwiGenerations neBackstage, uCarlo Radebe, osedla imbuya ngothi.
Ngokombhalo osatshalaliswe wuMauritz Neethling, uCarlo (50), obenguSello Mvuyane kwiGenerations noDuke kwiBackstage, usephila ngesibonelelo sikaR350 emuva kokugilwa wubhubhane lweCovid-19.
"Ngebhadi uCarlo, akabange esakwazi ukuzimela kangangoba akasakwazi nokuzondla."
UMauritz uthe uCarlo usephenduke undingasithebeni eGoli emuva kokuxoshwa endlini abehlala kuyo.
"Ukuthembela esibonelelweni sikaR350 ngenyanga uzokuqonda ukuthi akusoze kwamsiza ngalutho futhi ngeke kwamsiza ukuba abuyele kwabazomthungathela umsebenzi nokuthi akwazi ukuthumela i-video yokwenza inhlolokhono, singasayiphathi eyokuzondla noma ukwamukela izingcingo nokuba nama-data okufunda ama-email."
UMauritz uthe ucele imvume kuCarlo ukuba acele noma wubani ongaba nonembeza aphonse itshe esivivaneni ukuze kutakulwe le ngwazi ehlonishwa ngisho emazweni angaphandle.
Esephetha uthe abafuna ukutakula uCarlo bengamthinta [email protected] noma bathumele imali kwi-Account yakhe yaseCapitec: MR LC Radebe-1320756954.
Umlingisi uZola Hashatsi unxuse uMnyango kaMnuz Zizi Kodwa ukuba ulekelele ekuhlengeni impilo yaleli ciko.
"Kubuhlungu ukubona le nto yenzeka phambi kwethu. Yenza sicabange kabusha ngeqhaza lethu kwezobuciko. Ngithandazela ubuholi obusha," kuphetha uZola.
Umculi wekwaito, u-Eugene Mthethwa, uthe uhulumeni ulinde ukuba uCarlo adlule emhlabeni ukuze ukhiphe imali yokuhlelela inkonzo yomngcwabo futhi uthole Ithuba lokuzokhuluma ngokuthi ubebaluleke kangakanani entsheni.
"Yingakho ngenza lokhu engakwenza emngcwabeni kaMjokes (weTrompies neKalawa). Umngcwabo wawusuphenduke umngcwabo kahulumeni ngoba kwasekugcwele ezindongeni ngaphandle nangaphakathi ama-banner kahulumeni.“
Bakhona asebeqalile ukusukumela lolu daba lokuhlupheka kwale nsizwa efundele ukulingisa ePretoria Technikon futhi ebuye yalingisa nakwiDiepCity, Hustle, How To Steal R2 Million nakweminye imidlalo.