UMLINGISI obenguMbali kwiScandal noNandi kwi-Outlaws, uNolwazi Shange, uvele eNkantolo yeMantshi yaseBrixton, eGauteng, ngezinsolo zokuqola ozakwabo abebelingisa izindawo ezingatheni emdlalweni iQueen Modjadji.
UNolwazi (41), odabuka eNdunduma, eClermont, usolwa ngecala alenza esasebenza enkampanini iRhythm World, lapho ayejutshwe ukuba enze umsebenzi wokuqasha abalingisi ukuba ababezolingisa ezindaweni ezahlukahlukene.
Yize kunjalo, kuvela ukuthi esikhundleni sokuba uNolwazi akhokhele abalingisi imali ayesuke enikezwe yona yile nkampani, yena ubeyithatha eyifaka emaphaketheni akhe. Bekungekhona okokuqala uNolwazi evela kule nkantolo. Uqale ukubingelela imantshi ngoMashi, nyakenye. Ungaphandle ngebheyili kaR5 000 futhi icala lihlehliselwe uSepthemba 26, kulo nyaka, ngenhloso yokunikeza isikhathi sokuthi kuphenywe kabanzi ngaleli cala.
UNolwazi, oseke wahlabana ngendondo yomlingisi oqavile kumaSouth African Film and Television Awards, wavulelwa leli cala emuva kokusolwa ngokuqola u-R700 000.
UNolwazi, obeshade nozakwabo uMzwandile Ngubeni, ulingise emidlalweni eminingi yethelevishini nasemafilimini okubalwa i-A Place Called Home, Ak’siSpaza, Intersexions, Mina Nawe, Mtunzini.com, Mzali Wami, Mzansi Love, Single Guyz, Soul City, The River, Thula’s Vine neZabalaza.
UNolwazi wafunda ePinetown Senior Primary nasePinetown High ngaphambi kokufundela ukulingisa eDurban University of Technology.