UMHLELI womcimbi wezindondo amaRoyalty Soapie Awards, uWinnie Ntshaba, uthi yize sebenza amalungiselelo omcimbi wanonyaka kodwa ukungaxhaswa kubathwalisa kanzima.
NgoLwesithathu oluzayo kulindeleke ukuthi kumenyezelwe amaciko nemidlalo ezoqokwa bese iklonyeliswa emcimbini wanonyaka ojwayele ukuba phakathi kuka-Agasti noSepthemba.
UWinnie obuye abe ngumlingisi uthe uyaziqhenya ngomsebenzi awenzayo kodwa akulula ngoba udinga imali.
“Njengoba silungiselela ukuthi kumenyezelwe abaqokiwe emcimbini ngingasho kugcwale umlomo ukuthi uzoba khona nakanjani. Okubuhlungu ukuthi singamaciko ubunzima esidlula kubo buningi ngenxa yokuthi asinakiwe. Mina namanje ngiyanxusa ukuthi uhulumeni asinake, ahlale nathi phansi simtshele esikufunayo bese esilalela ukuze asinike uxhaso,” kuchaza uWinnie.
Uthe wuthando olubaholela ekutheni benze umsebenzi abakuwo yize ungatheli izithelo abazifisayo.
“Uma ubheka ezemidlalo zinakiwe kakhulu la kwelakithi. Uma kunemicimbi yezindondo kwezemidlalo, abadlali bahamba nezimali ezinkulu. Kodwa la kithi akukho lokho kungani? Siyacela uhulumeni asiphathe ngendlela efanayo ukuze uthando luqhubeke sijabule sonke njengamaciko,” kuchaza uWinnie.
UWinnie ukhuluma kanjena nje, uMnyango wezeMidlalo, amaSiko namaCiko kuzwelonke usanda kukhipha uhlu lwamaciko athola uxhaso kuhulumeni ngesikhathi kuhlasele i-Covid 19.
Umnyango oholwa nguMnuz Gayton McKenzie wathi uhlu ulukhipha ngenxa yokuthi kukhona amaciko ahlale ekhala ngokuthi awaxhaswa wuhulumeni kodwa kukhona ake aluthola uxhaso.
Khonamanjalo Isolezwe lihabule ukuthi ngeke ube khona nonyaka umcimbi wezindondo oklomelisa amaciko amaDStv Mzansi Viewers' Choice Awards.
Lo mcimbi ohlelwa yiMultichoice sekuzoba unyaka wesibili ungenziwa.
UNomsa Philiso wakaM-Net uthe kukhona indlela abafuna ukuwenza ngayo umcimbi ungabi nje owosuku olulodwa njengoba udla imali eningi. Uthe ekuhambeni kwesikhathi bazomemezela ukuthi uzokwenziwa nini.