SITHUKUTHELE siyaveva isilomo somlingisi saKwaZulu-Natal, uSihle Ndaba, kulandela inkulumo efakwe kuTikTok yokuthi “siyafa maduze”.
USihle ufake i-video enobuso bakhe esebenzisa iphimbo lokuthi uma ungemuhle kwi-filter esetshenzisiwe, kumele ucasukele unina noma uyise ngoba oyedwa wabo akamuhle.
Abantu bavele baphawula ngendlela abukeka ngayo, abanye bethi unciphile emzimbeni. Imibhalo ugcine eseyivala.
Aphume nawo iqhubu ngobhalwe ngozibiza ngoHlumeloK9 obuthi “uzofa maduze lo”.
“Umthetho wami angithandi ukuphendula umbhedo kodwa ngathi sekonomkhuba wokujwayelana kabi,” kusho uSihle oke walingisa kuZalo.
Uthe ufake i-video ngoba enza ihlaya.
“Kodwa lokhu akwamukeleki. Sifundiswe kangcono. Sazi kangcono kunalokhu esikwenzayo manje. Ububhoklolo basezinkundleni zokuxhumana abamukelekile. Ukuphawula ngesimo semizimba yabantu akwamukelekile. Awungazi, asazani sekunesimo sokujwayelana kabi. Ngicela siyiyeke le nto. Ngicela siyiyeke impela,” kubhoka uSihle ngolaka ebonakala nasebusweni ukuthi unengekile.
Uthe uphoxekile ngoba “abantu bakithi” abamchukuluzayo futhi ubengazimisele nokuwuphendula lo mbhalo.
“Uma uya kuleya video kuninngi ukuphawula okunganambithiseki. Ikuphi inkinga yenu? Ikuphi inkinga yenu ngempela? Yenzani kangcono. Yenzani kangcono, kunezingane lana. Kunezingane lana, yiyona ndlela esiziphethe ngayo le? Iyona ndlela esiziphatha ngayo le? Uma ubungenaso siqiniseko, igama lami nginguSihle wakwaNdaba ngiwumlingisi. Yiyona nto engiziphilisa ngayo kodwa ngingumuntu kuqala. Ngiyabathanda abantu,” kusho uSihle.
Ngaphandle koZalo, udlale emidlalweni nasemafilimi ahlukene okubalwa kuyo iThe Herd, The Vow, Love Lives Here, A Soweto Love Story ne-One Weeks esanda kuqala kuShowmax neminye.