KUZOQOPHEKA umlando edolobheni laseNewcastle, njengoba kuzobanjwa umcimbi wokuqala we-jazz, ozoba ngoMgqibelo, eMadadeni, endaweni yobumnandi eyaziwa ngokuthi isesiGodini SikaMthimkhulu.
Lo mcimbi wokuqala uzobe ubophele izihlabani zomculo okukhona kuzo uNaima K, Musa Sekwene, Nobuhle, Lux, Marcia M, Collen Zondo weGagasi FM, namaqembu endawo, okukhona kuwo i-New Tone Band neThee Voices nabanye.
UPhindile Hadebe ohlela umcimbi, uthe ngemuva kokwenza imicimbi emincane njalo ngamaSonto eyaziwa ngeSunday Soul Sessions, bakhethe ukwenza omkhulu wokuqala nabathemba ukuthi uzojatshulelwa abaningi edolobheni lakubo.
Uveze ukuthi bese kuphele isikhathi eside abantu abahambela le micimbi emincame bebacela ukuthi babalethele abaculi be-jazz abadumile.
"Simema abathandi be-jazz abaqhamuka ezindaweni ezihlukene nakhona la eNewcastle, ukuthi bafike emcimbini abazohamba kuwo bebambe ongezansi. Abaculi esibahlelele bona sibona ukuthi siqale ngabo bese siyakhula ukuhamba kweminyaka. Abangakawatholi amathikithi abaphuthume ngoba sekusele ambalwa. Nendawo yethu incane, imumatha abantu abangu-6 000 kuphela. Okuhle ngalo mcimbi ukuthi uzobe usemini, kuzobe kuphephile," kusho uPhindile.
Uthe uma kuhambe ngendlela abahlele ngayo, lo mcimbi uzobanjwa minyaka yonke.
Amathikithi aqala ku-R150 kuya ku-R300, awe-VIP ayatholakala eComputicket nasendaweni okuzobe kubanjwe kuyo umcimbi.
Ngenyanga edlule uthe bagubha inyanga yabesifazane ngomcimbi okwanandisa kuwo amaQwabe Twins, ngoJuni bebenomcimbi wobumnandi la kade kunandisa khona uKhabza De Small.
Uthe uma kudlula lona weJazz bahlela elinye idili lomculo elizibe libophele abaculi abakhulu njengoba sekubhekwe emaholidini kakhisimuzi.