KUVELA ukuthi uzidonsele amanzi ngomsele “ngokugolozela” abaphathi umethuli wokwenzeka emgwaqweni kuKhozi FM, u-Ayanda Msweli, omisiwe kulesi siteshi ngoLwesithathu.
Umthombo weSolezwe uthe bese kunesikhathi abaphathi bomsakazo befuna ukuhlangana noMsweli ngoba kunezinto abanganeme ngazo ngaye kodwa ebachitha.
“Njalo ubehlale ethi umatasa. Cishe sekuphele izinyanga ezimbili engatholakali nokuyinto egcine ibama emphinjeni abaphathi,” kusho umthombo.
Uthe ithimba lesiteshi lonke liseDrakensberg lapho liyobuyekeza khona indlela eliqhuba ngayo kulo nyaka kodwa uMsweli, obekumele abe khona, akalubhadanga.
“Kumele ngabe ukhona naye kodwa nakulokhu uthe umatasa. Kubacasule kakhulu abaphathi lokhu ngoba bebebona kuyithuba lokuthi bakhulume naye. Bavele bathatha isinqumo sokumkhipha emoyeni,” kusho lo mthombo ocele ukungadalulwa nangephutha.
Omunye umthombo uveze ukuthi yingakho uMsweli engezwakali emoyeni kodwa bona bengaphakathi bebengakatshelwa lutho.
“Besingakezwa lutho, yingakho nje engezwakali emoyeni kusuka ngoMsombuluko. Ngokujwayelekile sitshelwa ngoWhatsapp, ukuthi yini ke kulokhu asazi,” kuchaza umthombo.
Ethintwa uMsweli, uthe yindaba enkulu kakhulu angayazi le iphephandaba elimthinta ngayo.
“Indaba engaka hhayi mina angiyazi, ngiqala nokuyizwa,” kusho uMsweli obehleka maqede wavala ucingo.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela okhulumela iSABC uGugu Ntuli engaphenduli ucingo lwakhe nemiyalezo athunyelelwe yona
KuTwitter ozibiza ngoSandile Mkhwanazi ubhale ukuthi uMsweli umiselwe ukuphuthwa yimihlangano emithathu.
“Kusolwa ukuthi usebenzisa Ukhozi FM ukuziphushela izinto zakhe,” kubhala lona wesilisa.
Abanye babalandeli bakhe babuze ukuthi uphi ekhasini lakhe kuTwitter njengoba engasazwakali oKhozini.
U-@Philani 03097177 uthe: “Usuxoshiwe yini oKhozini, kunjalo phela”.
U-@Sandile Dhlamini uthe: “Ay ngwenya asisakuzwa emsakazweni kwenzenjani”.