UMCULI waseMgungundlovu, uJoel Zuma, uzohlonipha ingwazi yomculo weR&B engasekho, uLuther Vandross ngeValentine's Day eJo’burg Theatre, eBraamfontein, ngoLwesithathu ngo-8 ebusuku.
UJoel (39), wodumo lwengoma ethi Burn Out nethi A Place Called Love, uzobe enandisa kwikhonsathi ebizwa nge-So Amazing- A Tribute To Luther Vandross.
Uthe lo mqondo wamfikela emuva kokucula izingoma ezimbili noma ezintathu zikaLuther emicimbini abesuka enandisa kuyo.
"Indlela engangijatshulelwa ngakhona uma ngicula izingoma zikaLuther kwenza ngafikelwa ngomunye umqondo."
Ngokuhamba kwesikhathi wabe esebonisana nebhendi yakhe ukuba benze ikhonsathi lapho bezoqhulula khona amanoni kaLuther.
Uthe akazogcina ngoLuther kodwa uzobuye ahloniphe abanye abaculi ngalolu suku lwezithandani.
Uveze ukuthi zikhona ezinye izingoma zakhe azozicaphuna emgodleni wakhe, ukwenzela abalandeli bakhe.
UJoel, owenza izifundo zeDrama eTechnikon Natal (Durban University of Technology), yinsizwa enoxhaxha lwamakhono njengoba ibuye ibe ngumlingisi nomethuli wezinhlelo zethelevishini.
Uqale ukwaziwa emkhakheni wezokungcebeleka kusukela ngo-1998.
Ulingise emidlalweni yoKhozi FM eyayithi Soul City, Ingoma Kamama, Hhayi Bo, Sibhekephi nothi Ngavuka Kwabafileyo.
Ubuye wathula izinhlelo zethelevishini okubalwa kuzo iLet's Fix It noluthi Kaelo- Stories of Hope.
Emidlalweni yethelevishini alingise kuyo ngothi JusticeFor All, Gaz’lam, Home Affairs, Donkerland ne#Karektas.
*Amathikithi aseyatholakala eWebtickets nasezitolo zasePick n Pay ngoR200.