UMZWILILI wakuleli, uZandie Khumalo, uzimisele ngokuba ngumculi wokuqala wesifazane obeka umculo kamaskandi ezingeni lomhlaba. UZandie uqale ukuvelela kulo mculo ngengoma ethi Ngijabule Kabi (Ex Yami) njengoba ngoLwesihlanu ekhiphe unqambothi oluthi Emagameni Amathathu. Uthe okumenze wangena emculweni kamaskandi ukubona kulolu hlobo lomculo kusakhonya abaculi besilisa.
"Ukugqoza kwabaculi bakamaskandi besifazane kungiphatha kabi kakhulu futhi ngizokwenza konke okusemandleni ukuqhakambisa abantu besifazane emculweni kamaskandi. Emuva kwenoni lami elalithi Ngijabule Kabi (Ex Yami), alikho elinye iculo elashisa izikhotha elenziwa ngumculi wesifazane kumaskandi. Ngakho lokhu kukhuza kwami ibuya kusemqoka kimi nakubantu besifazane jikelele. Ngalo mucu othakwe nezinhlamvu zomculo wokholo, ngigqugquzela abanye abaculi besifazane lapha ngaphandle ukuba beze ngaphambili futhi balekelele ekufukuleni lomculo."
UZandie uthe akavumelanga-ukuxinwa yimicimbi, ukubamatasatasa ezinkundleni zokuxhumana, yicala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, ukuba wumama nomshado- ukuba kumnqande ekujabuliseni abalandeli bomculo wakhe.
"Abantu abafuni ukwazi izinkinga zakho noma impumelelo yakho kodwa bafuna umculo. Eqinisweni, yilesi sizathu bekusekela, enye into ayibalulekile kubo. Yingakho ngihlale ngiqinisekisa ukuthi angibalambisi abalandeli bami." UZandie uchaze lengoma ethi Emagameni Amathathu njengomucu osondelene kakhulu nenhliziyo yakhe.
"Abantu bayakwazi engikwenza uma ngibhekene ne-microphone kodwa lengoma kamaskandi ingekhethekile kimi. Ngiwumculi ongakukhonzile ukuzivalela ohlotsheni olulodwa lomculo. Yingakho sengikhiphe izingoma ze-Afro Soul, R&B, Afro Pop, ezokholo nezikamaskandi ngempumelelo eminyakeni eyedlule." Uthe yize enamakhono ahlukahlukene kodwa, ngaphezu konke, ungumuntu ozifelayo ngamasiko.
"Ngokuthuthuka komculo kamaskandi, ngabe angibenzi ubulungiswa uma ngingabi yingxenye yababeka umculo wakithi eqophelweni eliphezulu," kuphetha uZandie.
Abazohambela iKing Bhaka Music Festival eKing Bhaka Nzama Dam, eMidlovo, namhlanje, bazoba ngabantu bokuqala abazobona uZandie ecula bukhoma lomucu wakhe omusha, Amagama Amathathu. UZandie uzobe eshiyelana inkundla noKelly Khumalo, Malini, Dr Buselaphi, Khuzani, Igcokama Elisha, Phuzekhemisi, Jumbo, Bahubhe, Babo Ngcobo, Ichwane Lebhaca, Jumbo, Qhoshangokwenzakwakhe, Ithwasa Lekhansela, AmaYellowbone, Dlubheke, Inyonemhlophe, Gatsheni, Mbuzeni Mkhize, Lagxabha, Amageza Amahle, DJ Happy Gal, Segwebo Sentambo, Dladla Mshunqisi nabanye. Abaphathi bohlelo kuzobe kuwuMjosty, Bingelela Mpanza, Tha Simelane, MC Tshatha, Beekay Mchunu, Sbu woZalo, Naymaps woMkhokha, Kini Shandu woMkhokha, Mshazi noMthunzi Xulu. Amathikithi asatholakala eWebtickets nasezitolo zasePick n Pay/Boxer kanye nasesangweni ngoR150 kuya kuR1000.